Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ubuhixihixi emhlanganweni kamasipala weTheku

Ubuhixihixi emhlanganweni kamasipala weTheku

by | 30 January 2025

UQALE ngobuhixihixi kuphela ugesi umhlangano wokuqala kaMasipala weTheku obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Lo mhlangano uqale ngokuthi iningi lamakhansela e-ANC angene kulo mhlangano sekuculwe neculo lesizwe.

Angene eselandelana okusho khona bese kunesikhathi ekhona ngaphakathi e-ICC kodwa engangenile kulo mhlangano.

USomlomo walo masipala uMnu Thabani Nyawose ufunde izimemezelo wabese esedlulisela kwiManenja yalo masipala uMnu Musa Mbhele ukuba afunde izixoliso zamakhansela namakhosi angakwazanga ukuba yingxenye yalo mhlangano.

Akaqedanga ukufunda izixoliso kwabe sekuthi nyampu ugesi. Amakhansela aphoqeleke ukuthi ahlale ebumnyameni kusalungiswa.

Ngokuhamba kwesikhathi amakhansela e-EFF agcine ngokuphuma kulo mhlangano.

Lo mhlangano kulindeleke ukuthi ihhovisi lo mcwaningi mabhuku lethule isimo sezimali nendlela esetshenziswa ngayo kulo masipala.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...