Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ubuhixihixi emhlanganweni kamasipala weTheku

Ubuhixihixi emhlanganweni kamasipala weTheku

by | 30 January 2025

UQALE ngobuhixihixi kuphela ugesi umhlangano wokuqala kaMasipala weTheku obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Lo mhlangano uqale ngokuthi iningi lamakhansela e-ANC angene kulo mhlangano sekuculwe neculo lesizwe.

Angene eselandelana okusho khona bese kunesikhathi ekhona ngaphakathi e-ICC kodwa engangenile kulo mhlangano.

USomlomo walo masipala uMnu Thabani Nyawose ufunde izimemezelo wabese esedlulisela kwiManenja yalo masipala uMnu Musa Mbhele ukuba afunde izixoliso zamakhansela namakhosi angakwazanga ukuba yingxenye yalo mhlangano.

Akaqedanga ukufunda izixoliso kwabe sekuthi nyampu ugesi. Amakhansela aphoqeleke ukuthi ahlale ebumnyameni kusalungiswa.

Ngokuhamba kwesikhathi amakhansela e-EFF agcine ngokuphuma kulo mhlangano.

Lo mhlangano kulindeleke ukuthi ihhovisi lo mcwaningi mabhuku lethule isimo sezimali nendlela esetshenziswa ngayo kulo masipala.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...