Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UMenzi ufisa ukuguqula isithombe esibi ngoMnambithi

UMenzi ufisa ukuguqula isithombe esibi ngoMnambithi

by | 9 September 2025

UMCULI kamaskandi osematheni uMenzi Mabizela, uzimisele ngokuguqula isithombe esibi ngendawo yangakubo uMnambithi, edume kwabaningi njengenodlame, izimpi nokubulawa kwabantu ngesibhamu.

Uthi ufisa ukuhlanganisa umphakathi wakule ndawo ukuba ubumbane, kube nokuthula, kugezeke igama loMnambithi ezweni. Uzosebenzisa ubuciko njengeqhinga lokuhlanganisa umphakathi njengoba ehlela idili lomculo elizoba kule ndawo. Akulona nje idili okuzonandisa kulo amaciko asendimeni kamaskandi kuphela, kodwa kuzoba khona lonke uhlobo lwabaculi.

UMenzi utshele ILANGA ukuthi kuningi afisa ukukwenza emphakathini waseMnambithi ngenhloso yokuthi le ndawo idume ngezinto ezinhle. Uthi uma kukhulunywa ngoMnambithi, akupheli kwabanye ukuthi le ndawo inodlame lokubulawa kwabantu ngesibhamu, nezimpi.

“Sizama ukuhlanganisa abantu emphakathini (babumbane) ngoba indawo yakithi kayikhulunywa kahle, kanti nokubekezelelana akukho ezakhamizini. Mhlawumbe uma senza idili lomculo elizobahlanganisa, kungenzeka umehluko. Ngizimisele ngokuhlanganisa abantu, bajabule ngayo yonke indlela, kugqame nokuhle ngabantu bangakithi,” kusho uMenzi.

Kulo mcimbi awuhlelayo ozokuba ngomhla ka-29 kuLwezi (November), eSettlers Park, eMnambithi, ubophele abaculi bezinhlobo ezahlukene zomculo. Phakathi kwabaculi abazobe benandisa kubalwa uBig Zulu, uJumbo, uDj Kepza, uDj Mlu, uNjoko, uNtencane, uLimit, uKhuzani, uMthandeni, uBahubhe, uGatsheni, uGadla, uFalabo, uJaiva, uMzukulu, uMafikizolo, uSminofu, uThokozani Langa, uNjabulo Langa, uQuality, uMlabalaba, uGcabashe, uMnyovu, uMjolisi, uMashelela nabanye.

Amathikithi atholakala eComputickets, eCheckers, eShoprite, kusukela ku-R150 kuya ku-R500.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...