Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Utholakele umgijimi weComrades ‘obedukile’

Utholakele umgijimi weComrades ‘obedukile’

by | 9 June 2025

UGCINE etholakele umgijimi oduke ngemuva komjaho iComrades Marathon izolo ngeSonto.

UMoira Harding uqede umjaho ngesikhathi esiwu-16:52, okuthe ngemuva kwalokho umndeni wakhe umfuna, wangamthola. Ubengatholakali ocingweni laze lwaphela usuku lwayizolo.

Kuthiwa utholakale namuhla ekuseni ePhoyinti, eThekwini, engekho esimweni esihle. Kuthiwa uthathwe ngendiza enophephela emhlane, waphuthunyiswa esibhedlela.

AbakwaComrades Marathon Association (CMA) bakuqinisekisile ukuthi lo mgijimi usetholakele. Bathe utholakale enganamyocu, wabe esephuthunyiswa esibhedlela ukuyohlolwa.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...