Ilanga News
Home 9 Featured 9 Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

by | 15 October 2026

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine.

Lezi zindaba zivele kwingqungquthela ebihanjelwe nguNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, obehamba noNgqongqoshe weZohwebo, ezeZimboni noKuncintisana kuZwelonke, uMnu Parks Tau, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo kwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi neMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba.  

Ngesikhathi sengqungquthela abatshalimali bathe bayasethemba isifundazwe iKwaZulu-Natal ukutshala kusona le mali. Le mali yeqe ngo-R29 billion emalini ebibhekwe yisifundazwe ukuthi izotshalwa kusona ngo-2026 ebesibheke u-R95 billion.

Ethula inkulumo kwingqungquthela undunakulu uveze ukunyuka kwesimo sokuphila okudalwa yizinto eziningi emhlabeni, abale kuzona izibhelu zaseFrance, e-India, Bangladesh nempi ephakathi kweRussia ne-Ukraine kanye nengxabano ephakathi kwe-USA ne-Iran.

Unxuse abatshalimali ukuthi bayibheke ngeso lomhlaba indaba yokutshala imali nokuzokwenza baqonde ngezibhelu ezike zaba seThekwini muva nje. Uphinde waqinisekisa abatshalimali ukuthi izibhelu ngeke zibekhona kulesi sifundazwe kusekhona yena njengondunankulu wakwaZulu-Natal.

Uthe le mali ezotshalwa uzokwenza isiqiniseko ukuthi ifinyelela kuzona zonke izifunda.

“Isifundazwe esithuthuka endaweni endaweni eyodwa sisengozini. Ngicela niyifake imali  ngoba ikwaZulu-Natal ivulelekile kumabhizinisi,” esho.

Ezisematheni

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...

Kuchithwa olwencwadi egunyaza ukuboshwa kwabaholi beMarch and March

Kuchithwa olwencwadi egunyaza ukuboshwa kwabaholi beMarch and March

UPHIKO lwezokuShushisa seluphumele obala luchitha indaba yencwadi egunyaza ukubishwa komsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma nomyeni wakhe, uMnu Xolani Zuma.Lokhu ikusho njengoba kusabalele indaba yokuthi laba bobabili kumele baboshwe njengoba kuke...