
ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala.
Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini ngesikhathi amaqembu epolitiki elethe izethembiso ngazokwenzela bona. Baphinde bakhala ngokuthi kunzima nokuthola umazisi kwabanye babo uma bewubhalisela kodwa abantu bokufika kuleli banikwa amathuba angcono kunabo njengoba uhulumeni ubavumela ukuthi babhaliswe ngisho bengene ezweni ngokungemthetho.

Abanye baveze ukuthi banqatshelwa ngisho ukungena emarenke aseThekwini njengoba bethi bayashaywa ngosomatekisi. Bathi okubuhlungu ukuthi basuke bengezile ukuzoganga kodwa basuke bephathise abagibeli bamatekisi impahla beyogibela.
Kwingxoxo bekukhona uSihlalo weTheku kwi-ANC, uMnu Thabani Nyawose, oweDA, uZoe Solomon, uMnu Thabani Miya we-EFF noSolwazi Thami Mkhize weMKP.
Ezintweni ezithenjiswe yilabo sopolitiki ukuthi bazokwenza impilo engcono kubona ngokuqinisekisa ukuthi bayamukeleka emphakathini nokuqinisekisa ukuthi bayanikwa ithuba lokusebenzisa izindlu zangasese ezisedolobheni eThekwini.
UNyawose uthe ezinye izinto ezivelayo ziyamthusa ngoba ubengazazi ukuthi ziyenzeka kubantu abahlala emgaqweni.
“Ngokwazi kwami ziningi izinto esesizenzele abantu abahlala emgaqweni. Kukhona inqwaba esiqashwe ehhotela iSouthern Sun, abanye sibathathe khona la emgaqweni sabaqeqeshela amakhono. Sisaqhubeka nokwenza isiqiniseko sokuthi bayasizakala. Okokushaywa kwabantu belele emgaqweni kuyiphutha elikhulu, ngizokhuluma nabaphethe amaphoyisa ukulungisa le nkinga. Umuntu osuke elele emgaqweni usuke kungekho cala alenzile kodwa kumele kubhekwe ukuthi uphule muphi umthetho kamasipala. Uma kumele aboshwe, akaboshwe hhayi ukushaywa,” esho.
Okunye okuvezwe abahlala emgaqweni ukuthi iningi labo alihleli khona ngoba lithanda kodwa lisuke lisondelele amathuba angcono eThekwini ngoba ngeke babe nayo imali yokugibela zonke izinsuku bezofesa. Abanye baveze ukuthi banazo izitifiketi zokuqeqeshelwa amakhono ezikhungweni abasuke beyiswe kuzona umasipala kodwa uma sebengqongqoza eminyangweni kahulumeni befuna umsebenzi kuvele kuthiwe abathembakele ngoba bahlala emgaqweni.
tndlovu@ilanganews.co.za






