Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMbalula ucacise ngokufaka i-IEC enkantolo yokhetho

UMbalula ucacise ngokufaka i-IEC enkantolo yokhetho

by | 8 September 2026

UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula ucacise ngokuyisa iKhomishini yoKhetho (Independent Electoral Commission) eNkantolo yezoKhetho kulandela ukusala ngaphandle kwamanye amagama alabo abebezoyimela okhethweni lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi nonyaka.

Sekuyindaba esegudwini ukuthi i-ANC ayikwazanga ukubhalisa amagama awu-181 abantu abebezoyimela kulolu khetho komasipala abayisithupha bakuleli e-Eastern Cape, KwaZulu Natal naseFree State.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili, uMbalula uthe ngokuyisa le khomishini eNkantolo yezoKhetho, akukhona ukuthi bahlose ukulwisana nayo noma ukudicilela phansi isithunzi sayo.

“Sisebenzisa umthetho njengoba kuyilungelo lethu. Siyayihlonipha futhi singenza noma yikuphi ukuyivikela nokuvikela isithunzi sayo,” kusho uMbalula.

Uthe ngasohlangothini lwabo, bakwazi ukwenza konke ababefanele ukwenza ngesikhathi esivumelekile.

“Sisasho namanje ukuthi kwashaya isikhathi sokuvalwa sesiwathumelile wonke amagama alabo esifuna basimele komasipala. Inkinga yaba ngasohlangothini lobuhixihixi kwi-system yekhomishini, engakwazanga ukwamukela amagama okwashaya isikhathi sesiwathumelile,” kusho uMbalula.

Uthe okumele kube sobala wukuthi akuyona i-ANC kuphela eyabhekana nale nkinga.

“Yazisholo yona ikhomishini ukuthi awu-45 amaqembu ahluleka ukuthumela amagama esebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe. Ngakho ukuya kwethu eNkantolo yezoKhetho asiyeli thina kuphela, kodwa siyela namanye amaqembu awu-44 ahlangabezana nenkinga esabhekana nayo,” esho.

UMbalula ukuvezile ukuthi nakanjani bazosihlonipha isinqumo senkantolo noma ngabe siyabavuna noma siyabachitha. Uthe konke okufanele bakwenzile, besebenzisa imigudu yangaphakathi yokuhlola, ukuxilonga nokuqinisekisa ukuthi bonke abafanele bayakwazi ukumela leli qembu kulolu khetho oluzayo.

UMbalula uthe kuyishwa ukuthi kunamalungu aleli qembu asephakamise ukuba asule esikhundleni, ekubeni bengaluqondi uhlelo lwangaphakathi lokusebenza kwalo. Uthe uyazigqaja ukuthi nakuba bebhekene nale nkinga, kodwa i-ANC izokwazi ukumelwa kuma-wadi angaphezulu kuka-95%.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule i-IEC yazichitha izinsolo zobuhixihixi bezobuchwepheshe njengoba yaveza ukuthi ngasohlangothini lwayo, konke kwahamba kahle ngosuku okwavalwa ngalo ukuthunyelwa kwamagama, okwakungumhla ka-27 kuNcwaba kophezulu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...