Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Luvuka ogqokweni olukaMabuyakhulu oluthinta inkohlakalo

Luvuka ogqokweni olukaMabuyakhulu oluthinta inkohlakalo

by | 31 July 2025


LIVUKA ogqokweni icala lenkohlakalo elithinta u-R28.5 million, wokuhlela umcimbi iNorth Sea Jazz Festival, owagcina ungenzekanga, okusolwa uMnu Mike Mabuyakhulu nabanye ngalo.

Ngonyaka odlule uMabuyakhulu, owayengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal, ngesikhathi sale nkohlakalo, nabanye asolwa nabo okubalwa kubo uMnu Desmond Golding owaseyinhloko yalo mnyango, nabahleli bomcimbi uMnu Ceasar Mkhize, uMnu Mabheleni Ntuli, uMnu Basil Ninela nomkakhe uNkk Brenda Ninela, uNkz Nothando Zungu, uNkk Ntokozo Ndlovu noMnu Njabulo Mkhize, bakhishwa phambili emacaleni ababebhekene nawo okukhwabanisa, ukushushumbisa imali nenkohlakalo ngalo mcimbi.

Ngesikhathi iNkantolo eNkulu eThekwini ibakhipha phambili, iJaji uMahendra Chetty laveza ukuthi kabukho ubufakazi obuphathekayo, obuthinta laba basolwa futhi noma uMbuso ungalidlulisa leli cala, akukho okungenza isinqumo sokubakhipha phambili siguquke.

Ngokubika kweTimesLive iNkantolo eNkulu yokuDlulisa amaCala, ithathe isinqumo sokulalela ukudluliswa kwaleli cala elidluliswe wumbuso kuyona.

I-SCA iyalele ukuba sibuyekezwe lesi sinqumo ukuze ikwazi ukulalela iziphakamiso zezinhlangothi zonke.

Umabuyakhulu, osenguMdidiyeli wesigugungu sesikhashana esihlanganisiwe se-ANC KwaZulu-Natal, usolwa ngokwamukela umgwazo wesamba semali elinganiselwa ku-R300 000 ngale “nkohlakalo”.

NgoLwesihlanu okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara uthe uphiko lwabashushisi luyasamukela isinqumo seSCA sokubuyekeza isinqumo sejaji laseNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal, sokuthola abasolwa bemsulwa.

Uthe isinqumo seSCA sikhombisa ngokusobala ukuthi ikhona inhlasi yokuthi abasolwa bangase batholwe benecala. Uveze ukuthi beyiNPA bazoqhubeka nokulwa nezinqumo zenkantolo abanomuzwa wokuthi azivuni umthethosisekelo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...