
YAMUKELE ofishi abakhulu iNkatha Freedom Party(IFP) namhlanje ngoMgqibelo eThekwini.
Le nhlangano yamukele amalungu amasha ebekade ebambe iqhaza eliqavile kwiNational Freedom Party (NFP) .
Phakathi kwabo yimeya yaseDumbe uMnu Sbusiso Mkhabela ophinde abengusihlalo walenhlangano kuzwelonke, uNkz Teddy Thwala onguNobhala jikelele weNFP kumaspala Abaqulusi, ukhansela uMnu Mthunzi Xulu, uKhansela uMnu Thulani Ntshingila wesiyingi Abaqulusi, uMnu Sphamandla Ntombela obengusotswebhu weNFP kwisifunda iZululand nekhansela, uMnu Sizwe Hadebe osekomidini elephezulu leNFP eZululand, uNkz Khanyisile Jiyane, uMnu Msawenkosi Maphumulo onguSihlalo wenhlangano, uMnu Bonginkosi Mncwabe ongumgcinimafa eMgungundlovu kwiNFP, uMnu Mlungisi Mncube ophethe intsha nabanye.
Amanye amalungu amasha amukeliwe awu-200.
UMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa, uthe isinqumo esithathwe amalungu aphezulu eNFP ukuba abuyele kwi-IFP, kube yisinqumo esihle. Uthe awakhululeke amalungu azizwe esekhaya futhi ngeke akhunjuzwe ukuthi asuka kuphi.
“Isinqumo enisithathile, sengenza amandla kwi-IFP. Engikuthanda kakhulu ngukuthi nibuyele kwi-IFP sekukhethiwe namalungu azomisela okhethweni. Lokho kukhombisa ukuthi anibuyelanga izikhundla ekhaya. Siyanemukela, zizweni nisekhaya kuqhutshekwe kusetshenzwe, ” kusho uMnu Velenkosini Hlabisa.
Ephawula uMnu Sbusiso Mkhabela oyimeya yaseDumbe uthe inhle indodana yolahleko ehamba bese ibuyela ekhaya.
Uthe ziningi izinkumbi zabantu abeza nazo ezizomukelwa.

“Lapha ebesikhona bekade ingasekho inqubekela phambili yombono wokuthuthukiswa kwabantu. Ngalesi sinqumo engisithathile angizisoli ngaso sifuna ukuqhubeka nomsebenzi kaMntwana wakaPhindangene,” esho.
Uthe umkhandlu waseDumbe bafuna ubuyele kwi-IFP ungabambisene namanye amaqembu.
UMnu Hlabisa umemezele nokuthi iNkatha izokwethula usomqulu wezethembiso zentuthuko njengoba kubhekwe okhethweni. IManifesto izokuba mhlaka 20 kuMandulo(September) ePrincess Magogo Stadium eThekwini.







