Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umculi we-jazz nochungechunge lwamakhonsathi

Umculi we-jazz nochungechunge lwamakhonsathi

by | 13 March 2025


UMCULI we-jazz osezakhele udumo ukhiphe i-albhamu entsha esihloko sithi Judgement Day, kanti abathandi balo mculo bazoba nenhlanhla yokuyizwa bukhoma njengoba ehlele uchungechunge lwamakhonsathi, olubizwa ngeVincent Mtetwa Trio Tour.

Uthi kule albhamu uthulule okusenhlizweni yakhe.

“Ngiveza amaqiniso ngokwenzeka empilweni yabantu jikelele. Ngiveza nokuthi umuntu nomuntu uthola ukwahlulelwa emazingeni amaningi okuphila. Ukwahlulelwa kungaphezulu kokungenziwa nguMdali,” esho.

Kulolu chungechunge uzoqala eThekwini eBean Bag Jazz Lounge, eseMorningside (21 March), bese eya eKhabza De Khabza Arts Centre, eHammersdale (20 March). Uzobe esedlulela naseGoli eNiki’s Jazz Lounge (4 April) naseKgothatso Laka Music Academy lapho ezobe abelana ngolwazi nabafunda umculo, bese evala ngekhonsathi ngomhla ka-5 April (Mbasa).

Lolu chungechunge lukaMtetwa lwesekwa yiConcerts SA ihlangene neFestival Enterprise Catalyst, iSAMRO neNational Treasury Job Fund.

UVincent uzalelwe KwaNdengezi, KwaZulu-Natal. Ungumdlali wephiyano odlala cishe yonke imikhakha yomculo okubalwa kuyona iJazz, iGospel, iTende, umbhaqanga, iAfro soul, iRock neminye. Uneziqu ze-BPrac Mus (Bachelor of Practical Music) zase-University of KwaZulu-Natal.

Usebenze e-UKZN efundisa umculo iminyaka eyishumi, wabe esenyukela eGoli lapho athola khona ithuba lokufundisa eCOPA Academy. Usesebenze namaciko asezakhele udumo emculweni okubalwa kuwona uDkt Madala Kunene, Umkhumbane Jazz Ensemble, uDr Brian Thusi, uThulani Gah Ndlela, nabanye abaningi.

Ngo-2014 wathola ithuba lokuwelela phesheya kwezilwandle eyosebenza noDkt Madala Kunene eCarnegie Hall, New York City, kwi-Ubuntu Arts Festival, behamba noHugh Masekela, uPhuzekhemisi, neLadysmith Black Mambazo lapho kwakugujwa khona iminyaka ewu-20 yenkululeko.

Amaciko asemnkantshubovu eseke washiyelana inkundla nawo kumaFestival ahlukene kubalwa uHugh Masekela, uJimmy Dludlu, uSelaelo Selota, uCaiphus Semenya, uBrian Thusi, uRichard Bona, uYayoi Ikawa, uDkt Nduduzo Makhathini, uBongani Nkwanyana, uMthobisi Mthalane nabanye abaningi.

Kuloluchungechunge lwamakhonsathi uzobe esebenza noSibusiso Zondi kuma-drum noLwazi Mlotshwa kwi-bass guitar bese kuba nguye uVincent kwi-piano. Ngemininingwane ungathinta u-Atlas Duma weSagiya Foundation ku:- info@sagiyafoundation.co.za Cc. sagiyafoundation@gmail.com noma ngocingo noma iWhatsApp ku-081 373 8185.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...