Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umculi we-jazz nochungechunge lwamakhonsathi

Umculi we-jazz nochungechunge lwamakhonsathi

by | 13 March 2025


UMCULI we-jazz osezakhele udumo ukhiphe i-albhamu entsha esihloko sithi Judgement Day, kanti abathandi balo mculo bazoba nenhlanhla yokuyizwa bukhoma njengoba ehlele uchungechunge lwamakhonsathi, olubizwa ngeVincent Mtetwa Trio Tour.

Uthi kule albhamu uthulule okusenhlizweni yakhe.

“Ngiveza amaqiniso ngokwenzeka empilweni yabantu jikelele. Ngiveza nokuthi umuntu nomuntu uthola ukwahlulelwa emazingeni amaningi okuphila. Ukwahlulelwa kungaphezulu kokungenziwa nguMdali,” esho.

Kulolu chungechunge uzoqala eThekwini eBean Bag Jazz Lounge, eseMorningside (21 March), bese eya eKhabza De Khabza Arts Centre, eHammersdale (20 March). Uzobe esedlulela naseGoli eNiki’s Jazz Lounge (4 April) naseKgothatso Laka Music Academy lapho ezobe abelana ngolwazi nabafunda umculo, bese evala ngekhonsathi ngomhla ka-5 April (Mbasa).

Lolu chungechunge lukaMtetwa lwesekwa yiConcerts SA ihlangene neFestival Enterprise Catalyst, iSAMRO neNational Treasury Job Fund.

UVincent uzalelwe KwaNdengezi, KwaZulu-Natal. Ungumdlali wephiyano odlala cishe yonke imikhakha yomculo okubalwa kuyona iJazz, iGospel, iTende, umbhaqanga, iAfro soul, iRock neminye. Uneziqu ze-BPrac Mus (Bachelor of Practical Music) zase-University of KwaZulu-Natal.

Usebenze e-UKZN efundisa umculo iminyaka eyishumi, wabe esenyukela eGoli lapho athola khona ithuba lokufundisa eCOPA Academy. Usesebenze namaciko asezakhele udumo emculweni okubalwa kuwona uDkt Madala Kunene, Umkhumbane Jazz Ensemble, uDr Brian Thusi, uThulani Gah Ndlela, nabanye abaningi.

Ngo-2014 wathola ithuba lokuwelela phesheya kwezilwandle eyosebenza noDkt Madala Kunene eCarnegie Hall, New York City, kwi-Ubuntu Arts Festival, behamba noHugh Masekela, uPhuzekhemisi, neLadysmith Black Mambazo lapho kwakugujwa khona iminyaka ewu-20 yenkululeko.

Amaciko asemnkantshubovu eseke washiyelana inkundla nawo kumaFestival ahlukene kubalwa uHugh Masekela, uJimmy Dludlu, uSelaelo Selota, uCaiphus Semenya, uBrian Thusi, uRichard Bona, uYayoi Ikawa, uDkt Nduduzo Makhathini, uBongani Nkwanyana, uMthobisi Mthalane nabanye abaningi.

Kuloluchungechunge lwamakhonsathi uzobe esebenza noSibusiso Zondi kuma-drum noLwazi Mlotshwa kwi-bass guitar bese kuba nguye uVincent kwi-piano. Ngemininingwane ungathinta u-Atlas Duma weSagiya Foundation ku:- info@sagiyafoundation.co.za Cc. sagiyafoundation@gmail.com noma ngocingo noma iWhatsApp ku-081 373 8185.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...