Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Kuboshelwe izintandokazi kowe-Lovers And Friends Eyadini

Kuboshelwe izintandokazi kowe-Lovers And Friends Eyadini

by | 13 February 2025

KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wezithandani i-Lover And Friends ozoba seYadini Lounge ngoMgqibelo ngomhla ka-15 kuFebruary 2025.

Lo mcimbi obhekwe ngabomvu kulindeleke ukuthi uhehe inqwaba yabantu abasothandweni nalabo abangekho othandweni kodwa abazimisele ukuzothokoza.

Kulo mcimbi kuboshelwe abaculi noDJ okubalwa kubo uGatsheni, Zandie Khumalo, Jumbo, Zakwe, Q Twins ne-Afrosoul uCollen Zondo, Jnr Richi, DJ Muntu, DJ Fox, DJ Afro noDJ Makhe njengoba kubaphathi bohlelo kukhona uFlymotion, Tha Simelane, Jadu noSimphiwe Shembe.

Phambilini umhleli walo mcimbi uSibusiso Gumede uveze ukuthi umcimbi wangoMgqibelo uzobe kungowokuzwa amanzi ngobhoko njengoba omkhulu uza ngasekupheleni konyaka.

Uthe kulona wangoMgqibelo kusayisiqalo njengoba sekuphele iminyaka emine lo mcimbi ungenzeki.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi wagcina uwenzeka ngo-2019 lapho kwakukhona nesihlabani saphesheya kwezilwandle uSyleena Johnson.

UGumede unxuse wonke umuntu aphume ngobuningi ukuzojabulsa ngoMgqibelo njengoba ubumnandi buzobe buchithiwe ngezindlela ezahlukene.

Amathikithi alo mcimbi ayatholakala eWebtickets ngo-R100 njengoba esangweni ezotholakala ngo-R200.

Akhona awezicukuthwane abiza uR500 njengoba etholakala eWebtickets kuphela.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....