Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uyazifela ngokusiza abantu oyomela iKZN kuMiss Teen Universe SA

Uyazifela ngokusiza abantu oyomela iKZN kuMiss Teen Universe SA

by | 20 March 2025


UNGUMUNTU ohlala ekulangazelela ukuzisa abanye abantu uNolinda Mqadi (14), waseMlazi, ozomela iKwaZulu-Natal emcintiswaneni kaMiss Teen Universe SA, ePolokwane, eLimpopo, kule mpelasonto.


UNolinda, owenza uGrade 9 eDurban Girls High School, eThekwini, uthi kubalulekile, ikakhulu ebantwaneni, ukusheba imfundo nezinye izinto eziphumuza umqondo.


Uthi akuthandile ngomcintiswano kaMiss Teen Universe wukuthi ukhuthaza ukubuyisela emphakathini nokwakhwa imiphakathi engcono.


“Ubuhle kabukho kuphela ekubukekeni komuntu, kodwa buphinde buvele enhliziyweni ngamazwi nezenzo zakhe, ezenza umehluko emphakathini,” esho.


Unohlelo kuYouTube (vlog) nakuTik-Tok lapho ekhuthaza khona intsha ngezinto ezithinta impilo.


“Nginohlelo olubizwa ngePower Hour, lapho ngixoxa khona ngezihloko ezehlukene ezifana nemfundo, ukuzethemba nokusebenzisa amathuba okuzithuthukisa. Ngiphinde nginikele ngemifaniswano yesikole nezinye izidingo ezithinta isikole.”

Unina kaNolinda, uNkz Nombuso Cele, uthi kusukela ebuncaneni, ingane yakhe ihlale inentshisekelo yokuzama izinto ezehlukene empilweni.

NGUNOLINDA nonina, uNkz Nombuso Cele.


Uthi yabona isikhangiso salo mncintiswano ngo-2023, yacela kuyena noyise wayo ukuwungenela. Uthi uyise ushone ngawo lo nyaka ngemuva kokuba uNolinda esebhalisile ukungenela.


“Ngicabanga ukuthi nakho ukudlula kukayise ngenye yezinto ezimnika umdlandla. Ngiyethemba ukuthi uzokwenza kahle kulo mncintiswano,” kusho uNkz Cele.


Uthi umndeni uyaziqhenya ngoNolinda ngoba uyingane ekhaliphile futhi ehloniphayo.


“Uyingane ebamba noma yini eyithuba eqhamukayo. Uzifundisile ukuthi kayikho into engamehlula empilweni.”


Ozonqoba kulo mqhudelwano uzothola ithuba lokuyodlana imilala nezintokazi ezivela umhlaba wonke kuMiss Teen Universe.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...