Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uyazifela ngokusiza abantu oyomela iKZN kuMiss Teen Universe SA

Uyazifela ngokusiza abantu oyomela iKZN kuMiss Teen Universe SA

by | 20 March 2025


UNGUMUNTU ohlala ekulangazelela ukuzisa abanye abantu uNolinda Mqadi (14), waseMlazi, ozomela iKwaZulu-Natal emcintiswaneni kaMiss Teen Universe SA, ePolokwane, eLimpopo, kule mpelasonto.


UNolinda, owenza uGrade 9 eDurban Girls High School, eThekwini, uthi kubalulekile, ikakhulu ebantwaneni, ukusheba imfundo nezinye izinto eziphumuza umqondo.


Uthi akuthandile ngomcintiswano kaMiss Teen Universe wukuthi ukhuthaza ukubuyisela emphakathini nokwakhwa imiphakathi engcono.


“Ubuhle kabukho kuphela ekubukekeni komuntu, kodwa buphinde buvele enhliziyweni ngamazwi nezenzo zakhe, ezenza umehluko emphakathini,” esho.


Unohlelo kuYouTube (vlog) nakuTik-Tok lapho ekhuthaza khona intsha ngezinto ezithinta impilo.


“Nginohlelo olubizwa ngePower Hour, lapho ngixoxa khona ngezihloko ezehlukene ezifana nemfundo, ukuzethemba nokusebenzisa amathuba okuzithuthukisa. Ngiphinde nginikele ngemifaniswano yesikole nezinye izidingo ezithinta isikole.”

Unina kaNolinda, uNkz Nombuso Cele, uthi kusukela ebuncaneni, ingane yakhe ihlale inentshisekelo yokuzama izinto ezehlukene empilweni.

NGUNOLINDA nonina, uNkz Nombuso Cele.


Uthi yabona isikhangiso salo mncintiswano ngo-2023, yacela kuyena noyise wayo ukuwungenela. Uthi uyise ushone ngawo lo nyaka ngemuva kokuba uNolinda esebhalisile ukungenela.


“Ngicabanga ukuthi nakho ukudlula kukayise ngenye yezinto ezimnika umdlandla. Ngiyethemba ukuthi uzokwenza kahle kulo mncintiswano,” kusho uNkz Cele.


Uthi umndeni uyaziqhenya ngoNolinda ngoba uyingane ekhaliphile futhi ehloniphayo.


“Uyingane ebamba noma yini eyithuba eqhamukayo. Uzifundisile ukuthi kayikho into engamehlula empilweni.”


Ozonqoba kulo mqhudelwano uzothola ithuba lokuyodlana imilala nezintokazi ezivela umhlaba wonke kuMiss Teen Universe.

Ezisematheni

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...