Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UMasipala waKwaDukuza ugubhe olwentsha ngokuvundulula amakhono

UMasipala waKwaDukuza ugubhe olwentsha ngokuvundulula amakhono

by | 17 June 2026

NGAMANYE amaciko edlala umdlalo weshashalazi eStage.

UMASIPALA waKwaDukuza, oholwa yiMeya uMnu Sduduzo Gumede ugubhe usuku lwentsha, ngoLwesibili, ngokuvundulula amakhono ahlukene entsheni ukuze ikwazi ukuziphilisa ngawo, eMulti-Purpose Centre Sport Ground, eGlenhills.

IKwaDukuza inomlando ovundile kuleli njengoba kuvela khona isishoshovu somzabalazo wenkululeko uChief Albert Luthuli, owaba ngowokuqala omnyama emhlabeni ukuhlabana ngeNobel Peace Prize ngo-1960.

“Kubalulekile ukuba kuyona yonke into oyenzayo usebenzisana nentsha. ENingizimu Afrika sibhekene nenkinga yesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi. Njengohulumeni, sithe asifake isandla, simeme intsha izobonakalisa ithalente layo ukuze siyisize ukulikhulisa. Okuhle ukuthi kulolu hlelo lwethu sisebenzisana noMnyango wezemiDlalo ubuBuciko namaSiko okuyiwona ozosisiza ukuqinisekisa ukuthi senza into okuyiyona,”kusho iMeya.

YIMEYA yaKwaDukuza, uMnu Sduduzo Gumede.

Yengeze ngokuthi intsha kufanele isondele kumasipala ukuze yazi ngezinhlelo onazo eziqondene nayo.

UNokulunga Feziwe Shandu owenza ezobuciko ezincike kakhulu kwimvelo, uthe ujabule kakhulu ngokuba yingxenye yalo luhlelo olwenziwe wuMasipala waKwaDukuza. Uthe ukukhombisa imisebenzi yabo nokuhlangana nabanye abantu kumjabulise kakhulu.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...