Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

by | 8 March 2026

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi.

UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini, ngomhla ka-13 kwephezulu.

Lo mdlalo uhambisana neminyaka ewu-142 kwakhothama iSilo uCetshwayo, esinomlando onzulu ngesizwe samaZulu njengoba kunanomasipala oqanjwe ngaso.

Ngokusho kukaJerry Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi osemnkantshubomvu, lo mdlalo uzobe uyisifundo ngomlando nangendima eyadlalwa yiSilo uCetshwayo emlandweni waKwaZulu. Uthe ukhethe ukuthi awuvule, uhlanganise abafundi namalungu omphakathi njengoba ungathokozelwa ngabantu abehlukene.

Impi yaseSandlwana phakathi kwamaNgisi namaZulu, yenzeka ngesikhathi sobuholi beSilo uCetshwayo.

Lo mdlalo uza ngesikhathi lapho kulindeleke ukuba kube nokubuyisana eNdlunkulu kaZulu, kulandela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esivune iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuba abe kulesi sihlalo ngokusemthethweni.

UPooe unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi ngezinsuku okuzobe kukhonjiswa ngazo lo mdlalo, ozokhonjiswa ngempelasonto yangomhla ka-13, nangomhla ka-20 kusukela seligamenxe ihora lesithupha. Uthe phakathi nezinsuku, kuzobe kuvulelwe ukuthi ubukwe ngabafundi, okumele babe nolwazi ngomlando wobukhosi baKwaZulu.

UPooe uthathwa njengenkakha yokubhalwa kwemidlalo yeshashalazi. Useke wabhala futhi wadidiyela imidlalo ehlukene, eminye yayo yakhonjiswa naphesheya kwezilwandle. Ungumsunguli wendawo yezobuciko, iWushwini Arts Centre, ezinze KwaNgcolosi ngaseNanda Dam.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...