Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undunankulu waseGauteng uthi ayahlakazwa amaPanyaza

Undunankulu waseGauteng uthi ayahlakazwa amaPanyaza

by | 22 October 2025

UHULUMENI waseGauteng usumemezele ukuthi luzohlakazwa uhlaka olwasungulwa nguNdunankulu wakulesiya sifundazwe uMnu Panyaza Lesufi, okuhloswe ngalo ukulwa nobugebengu, oludume ngelaMaPanyaza.

Lolu hlaka olwasungulwa ngo-2023, kuthiwa amalungu alo azoya koqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini yeJaji uMadlanga, ephenya ngezinsolo zokugxambukela kwabathile ekusebenzeni kwengalo yomthetho, enze isibonelo ngalolu phiko. UMkhwanazi uthe ngokomthetho, lolu phiko kufanele ngabe yinto engakaze ibe khona, ethi futhi wakuveza lokhu, kodwa washaywa indiva.

Kwenzeka lokhu nje, ongoti kwezamaphoyisa bebevele benezikhalo ngalolu phiko, ngokuthi amalungu alo kawaqeqeshiwe ngokwanele futhi kawanazo izinsiza ezidingekayo ukulwa nobugebengu.

Ekhuluma nabezindaba eGoli namuhla ngoLwesithathu, uLesufi uthe ukuhlakazwa kwalolu hlaka kuzokwenziwa ngezigaba.

“Labo abangakhoni ukuyoqeqeshelwa ubuphoyisa bazojutshwa komasipala abehlukene, baqinisekise ukulandelwa kwemithetho, abanye babe ngonogada eminyangweni kahulumeni uma sebeqeqeshiwe. Sikwenza lokhu ngoba siyakholelwa ekutheni abakwenzayo kubalulekile emiphakathini yethu. Sifuna ukulungisa lesi sikhalo sokuthi kabaqeqeshiwe, futhi kanayo inqubo-mgomo nezicucu,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...