Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undunankulu waseGauteng uthi ayahlakazwa amaPanyaza

Undunankulu waseGauteng uthi ayahlakazwa amaPanyaza

by | 22 October 2025

UHULUMENI waseGauteng usumemezele ukuthi luzohlakazwa uhlaka olwasungulwa nguNdunankulu wakulesiya sifundazwe uMnu Panyaza Lesufi, okuhloswe ngalo ukulwa nobugebengu, oludume ngelaMaPanyaza.

Lolu hlaka olwasungulwa ngo-2023, kuthiwa amalungu alo azoya koqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, onguMkhuzi wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini yeJaji uMadlanga, ephenya ngezinsolo zokugxambukela kwabathile ekusebenzeni kwengalo yomthetho, enze isibonelo ngalolu phiko. UMkhwanazi uthe ngokomthetho, lolu phiko kufanele ngabe yinto engakaze ibe khona, ethi futhi wakuveza lokhu, kodwa washaywa indiva.

Kwenzeka lokhu nje, ongoti kwezamaphoyisa bebevele benezikhalo ngalolu phiko, ngokuthi amalungu alo kawaqeqeshiwe ngokwanele futhi kawanazo izinsiza ezidingekayo ukulwa nobugebengu.

Ekhuluma nabezindaba eGoli namuhla ngoLwesithathu, uLesufi uthe ukuhlakazwa kwalolu hlaka kuzokwenziwa ngezigaba.

“Labo abangakhoni ukuyoqeqeshelwa ubuphoyisa bazojutshwa komasipala abehlukene, baqinisekise ukulandelwa kwemithetho, abanye babe ngonogada eminyangweni kahulumeni uma sebeqeqeshiwe. Sikwenza lokhu ngoba siyakholelwa ekutheni abakwenzayo kubalulekile emiphakathini yethu. Sifuna ukulungisa lesi sikhalo sokuthi kabaqeqeshiwe, futhi kanayo inqubo-mgomo nezicucu,” esho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...