
USAZIWAYO uMinnie Dlamini uthi isixoliso sikaMacGyver ‘Mac G’ Mukwevho siqhamuke ngoba nakhu sekunengcindezi evela emphakathini futhi ukwenza lokhu ngoba evikela isithunzi sakhe (uMacG). Uthi ngenxa yalokhu uzothatha izinyathelo zomthetho, akenzeli yena kuphela, wenzela wonke umuntu wesifazane okudicilelwa phansi isithunzi sakhe egameni lokuzithokozisa nokufuna ukubukwa.
Lesi sixolisa siza ngemuva kokuba uMacG noSol Phenduka badingida ukwehlukana kukaMinnie nesoka lakhe uDkt Brian Monaisa kwiPodcast and Chill. Ukucaphuna kwakusho uMac G wathi: “Kungani ehluleka wukugcina indoda? Kukhona okungahambi kahle kuyena, mhlawumbe i….. iyanuka (esho isitho sangasese). Kuyenzeka, ikakhulu emantombazaneni amahle.”
Le nkulumo yagxekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, kwaze kwangenelela isiteshi sikamabonakude iMoja Love noNkz Mmapaseka Steve Letsike onguSekela Ngqongqoshe eMnyangweni wezaBesifazane, iNtsha nabaPhila nokuKhubazeka.
Exolisa uMac G uthe:”Ngithana ukuxolisa kubalandeli ikakhulu kubalandeli beChillers nabobonke abesifazane eNingizimu Afrika okungenzeka ukuthi bathintekile ngamazwi engawasho,kwakungesiyo nhloso. Uyazi kasisho izinto ngenhloso yokunyathela abantu,” esho. Ube esemema uMinnie kwi-podcast yakhe wathi yonke ingxabano yaqala kwi-podcast futhi kumele iphethele khona.
Ngemuva kokuxolisa kukaMacG, uMinnie Dlamini ubhale isitatimende ebesitshengisa ukuba nentukuthelo lapho ebhale khona kanje:
“Emasontweni edlule ngibuke igama lami lihudulwa odakeni ngenxa yemazwi ashiwo nguMnu Mukwevho kwi-podacst yakhe. Angikaze ngisho nelilodwa igama elibi ngalona wesilisa, engakwenza wukuvikela ubuqotho nesithunzi sowesifazane osemkhakheni ezintweni ezazishiwo ngaye ezimbi,” esho.
Uthi kuyishwa futhi kuwunya ukuthi ukumela omunye wesifazane kuthethelela amanga eminyaka ashiwo ngaye, ukuhlukunyezwa kwezokuxhumana nemiyalezo edicilela phansi igama lakhe. Uthi nakuba engazange abaphendule ababekade bedicilela phansi igama lakhe kepha akukho okuhle nokubukekayo ngokukhuluma kabi ngomzimba wowesifzane ngenhloso yokuthola udumo.”Okwenzekile kuyesabeka futhi kungehlise isithunzi, ubuntu bami nelungelo lami njengowesifazane,” esho.






