ZIZOLALELWA kusasa ngoLwesine mhla ka-9 kwephezulu eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izicelo zebheyili ezifakwe kabusha ngabasolwa ababili kwabahlanu abayanyaniswa necala lokubulawa kwesihlabani seHip Hop uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa eThekwini ngo-2023.
Ngokusho kophiko olwengamele ezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), uMuziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande bazofaka kabusha izicelo zabo zebheyili ngobufakazi obusha ababuqukethe.
Laba basolwa nabanye abathathu okunguLindokuhle Mkhwanazi, uLindani Zenzele Ndimande noSiyanda Myeza benqatshelwa ibheyili nyakenye ngenxa yobufakazi bombuso obubayamanisa naleli cala.
UGwabeni usolwa ngokuba ungqondongqondo kuleli cala njengoba kuthiwa nguyena owakhokhela abanye abasolwa ngemuva kokubulawa kwabafi. UGwabeni wakuchitha lokho, waveza ukuthi abasolwa wayebakhokhela imali ayebakweleta yona ngemisebenzi eyehlukene, abanye ebaphekisa njengoba babezoshada.
ULindokuhle kwavela ukuthi nguyens owayeqaphe u-AKA ngesikhathi esendaweni yokudlela iWish, eThekwini, waze wakhokha ngekhadi lakhe kuyo lendawo, okwathi uma sekuqhuma isibhamu abanye bebaleka, yena wazihlalela, waphuma ngemuva kwesigameko.
Wakuchitha ukuthi wayeqaphe u-AKA, ethi wayelinde owesifazane owagcina engafikanga.