Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Uyakhula umnkenke kwiGNU

Uyakhula umnkenke kwiGNU

by | 30 June 2025

INTATHELI YELANGA

UYAKHULA umnkenke phakathi kwe-ANC neDA – abayingxenye enkulu yamaqembu ayizintethe ezibelethene kuhulumeni ohlanganise amaqembu, iGovernment of National Unity (GNU). Kuzokhumbuleka ukuthi lo mfantu usanda kuvulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa – futhi ongumengameli we-ANC – ngokukhomba indlela uMnu Andrew Whitfield, weDA, obeyisekela likangqongqoshe wezohwebo nezimboni.

Icala likaWhitfield wukuthi ube yingxenye yohambo lwezithunywa zeDA eziye eMelika ngoMarch, ‘ziyokhala’ kumengameli wakhona, uMnu Donald Trump ngemithetho kaHulumeni waseNingizimu Afrika, ezithi kayihlali kahle. Kule mithetho kubalwa nowokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Uhamba nje, uMengameli Ramaphosa ubezwakalise ukungahambisani nalolu hambo, futhi exwayisile ngalo.

NGUMHOLI weDA, uMnu John Steenhuisen noNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula.

Isenzo sikaRamaphosa siyinengile iDA, yamnqumela ugwayi katiki wamahora awu-48, ukuba aguqule isinqumo sakhe. Leli qembu libuye ‘lazonela’ kwi-ANC ngokuhoxa kwiNational Dialogue – lapho kusuke kubunjwa khona umhlahlandlela kahulumeni – futhi lasabisa ngokuphikisa ukuvotelwa kwebhajethi.

USihlalo womgwamanda weDA, uNkk Helen Zille, uthe ngeke bavumele ukuba kugcakagcwe emakhanda abo, waxwayisa ngokuthi izibalo (zeGNU), ziyabavuna ukuthi bangawuhlakaza lo mhlangano.

Ekhuluma nabezindaba ngempelasonto, uMnu John Steenhuisen ongumholi weDA, uzwakalise ukuphelelwa yithemba ngobuholi bukaRamaphosa, wathi iqembu lakhe kalisabethembi ubuholi bakhe. Ugcizelele elokuthi uWhitfield akayanga eMelika ‘ngethikithi’ likahulumeni, kodwa ubehambe egameni leqembu. Uthe iqembu lakhe lingase linkankanye eyokuchitha uRamaphosa ngevoti.

NGUMNU Andrew Whitfield.

Ekhuluma engqungqutheleni yesiyingi se-ANC unobhala-jikelele waleli qembu, uMnu Fikile Mbalula izolo, ugxeke iDA ngokusabisa ngokuhoxa kwiNational Dialogue nokuphikisa ukuvotelwa kwebhajethi, wathi ngeke phela uhulumeni uphathwe ngezinsongo nokwesabisana. Uthe iGNU iyoqhubeka nje isebenze ngisho noma ngabe iDA isiqome ukutshatha imigodla yayo, yajokola, kwazise akhona amanye amaqembu ayevele enesifiso sokuba yingxenye yale mbumba.

Weseke isinqumo sikaRamaphosa (sokukhomba indlela uWhitfield), waxwayisa ngokuthi uma iDA ike yaphakamisa ivoti longabethembi ubuholi, kuyosho ukuthi isizikhiphile kwiGNU.

“Sizothula nje sibheke ukuthi ikwenza nini lokho, uma ike yakwenza, kuphelile ngayo kwiGNU. Mangikucacise ukuthi siyameseka umengameli, kanti-ke kasethuswa ngomebuzo wenyoka, ngisho nogwayi katiki labo esinqunyelwa bona (yiDA). Ngeke uphathe uhulumeni ngokuhlale unqumela abantu ugwayi katiki. Awukwazi ukunqumela umphathi wakho ugwayi katiki,” esho.

Uqhube ngokuthi: “Indaba isele kubona, uma becabanga ukuthi lo hulumeni wobumbano kawubaphethe kahle, kabavinjiwe ukuphuma kuwona. Bona njalo nje uma kukhona ukushayisana, basabisa ngokuphuma (kwiGNU). Awukwazi ukuba sebudlelwaneni obesekelwe ngokwesabisa, kumele umhloniphe lo osebudlelwaneni naye.”

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...