Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UMinnie Ntuli ukhuza ibuya kwiGagasi FM

UMinnie Ntuli ukhuza ibuya kwiGagasi FM

by | 16 August 2025

UKHUZA ibuya uMinnie Ntuli kwiGagasi FM ngemuva kokuthatha ikhefu lamasonto amahlanu, kulandela isigameko esenzeka kwi-The Real Housewives esaqubula umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Lapho ayebonakala exabana noLondie London beqophisana ngamagama, wagcina uMinnie ephusha uLondie ngendluzula esiphongweni esebenzisa umunwe.

Abaphathi besiteshi baqoka ukunikeza le msakazi ikhefu ukuze athole izindlela zokubhekana nentukuthelo kangcono. Esitatimendeni esikhishwe yiGagasi FM namhlanje lithi belilokhu leqaphe isimo sikaMinnie futhi lixoxisana naye. Kanti nombiko wezempilo abawutholile uqinisekisa ukuthi usekulungele ukubuyela emsebenzini. Ngakwezomthetho ithimba labameli balo msakazi kuthiwa likuqinisekisile ukuthi kazikho izinyathelo zezomthetho athathelwe zona. Ngokubuka konke lokhu iGagasi lenze isinqumo sokuba abuyiselwe ohlelweni abelusakaza. NgoMsombuluko mhla ka 18 August uzobuyela ohlelweni alusakaza noFelix Hlophe, iThe Uprising olusakazwa kusukela ngelesi 06h00 – 09h00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ephawula uMinnie esitatimendeni uthe: “Ngiyajabula ukubuyela emoyeni, emasontweni ambalwa edlule ngibuyekezile ngazama ukuzithola. Kuwona wonke umuntu engimphoxile ngesenzo sami ohlelweni lwakumabonakude, ngiyaxolisa futhi. Kozakwethu kwiReal Housewives of Durban ngiyaxolisa ngezenzo zami. Ngiyabonga kuwowonke umuntu ongeseke esikhathini esinzima empilweni yami. Ngicela nokubonga iGagasi ngokunginika elinye ithuba. Ngifundile emaphutheni ami, ngibuya nokuzimisela ekutheni ngibe umuntu ongcono, ngethembisa nokwenza kangcono,” esho.


IGagasi libonge igalelo likaNkulee Mbatha obebambile ngesikhathi uMinnie esekhefini.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...