Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 INingizimu Afrika ikhathazekile ngeziboshwa ‘ezilahlwa’ yiMelika eSwazini

INingizimu Afrika ikhathazekile ngeziboshwa ‘ezilahlwa’ yiMelika eSwazini

by | 6 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wezoBudlelwano nokuBambisana namanye amaZwe uMnu Roland Lamola.


UMNYANGO wezobuDlelwano nokuBambisana namanye amaZwe usuzwakalise ukukhathazeka ngesivumelwano seSwazini ne-United States of America sokuthi leli zwe elizungezwe yiNingizimu Afrika lemukele iziboshwa eziyingozi ezivela eMelika.

Lo mnyango uthi iSwazini isikuqinisekisile ukuthi sezifikile iziboshwa eziyingozi, okubalwa kuzo neziboshelwe amacala okubulala nokudlwengula izingane, ezivela eMelika. Lezi ziboshwa ziqhamuka emazweni ahlukene, kanti kuthiwa amazwe azo ayenqaba ukuzemukela.

ISwazini ithi isebenzisana eMelika, ngokubambisana ne-United Nations ne-International Organisation for Migration ukuze lezi ziboshwa zigcinele emazweni ezidabuka kuwona.

UMnu Chrispin Phiri uthi iNingizimu Afrika ikhathazekile ngokuthi mancane amathuba okuthi amazwe lezi ziboshwa ezidabuka kuwona agcine ezemukele. Uthi ngenxa yokusondelana kwelakuleli neSwazini, ubungozi balezi ziboshwa bungabeka engcupheni nezakhamizi zaseNingizimu Afrika.

“Yize sikuhlonipha ukuzimela kukahulumeni waseSwazini, sikhathazekile ngobungozi balezi ziboshwa nokuthi kungenzeka zigcine zingena ngokungemvume eNingizimu Afrika, lokhu okungabeka engcupheni ukuphepha wezakhamizi zakuleli,” kusho uPhiri.

Ngenyanga edlule iSwazini imemezele ukuthi yenze isivumelwano neMelika sokuthatha isiboshwa ezinhlanu eziyingozi, izigcine emajele ayo (iSwazini). Kuthiwa kulindelwe ukuba kufike ezinye iziboshwa eziwu-150 okubalwa kuzona namavukelambuso (terrorists).

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...