Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 INingizimu Afrika ikhathazekile ngeziboshwa ‘ezilahlwa’ yiMelika eSwazini

INingizimu Afrika ikhathazekile ngeziboshwa ‘ezilahlwa’ yiMelika eSwazini

by | 6 August 2025

NGUNGQONGQOSHE wezoBudlelwano nokuBambisana namanye amaZwe uMnu Roland Lamola.


UMNYANGO wezobuDlelwano nokuBambisana namanye amaZwe usuzwakalise ukukhathazeka ngesivumelwano seSwazini ne-United States of America sokuthi leli zwe elizungezwe yiNingizimu Afrika lemukele iziboshwa eziyingozi ezivela eMelika.

Lo mnyango uthi iSwazini isikuqinisekisile ukuthi sezifikile iziboshwa eziyingozi, okubalwa kuzo neziboshelwe amacala okubulala nokudlwengula izingane, ezivela eMelika. Lezi ziboshwa ziqhamuka emazweni ahlukene, kanti kuthiwa amazwe azo ayenqaba ukuzemukela.

ISwazini ithi isebenzisana eMelika, ngokubambisana ne-United Nations ne-International Organisation for Migration ukuze lezi ziboshwa zigcinele emazweni ezidabuka kuwona.

UMnu Chrispin Phiri uthi iNingizimu Afrika ikhathazekile ngokuthi mancane amathuba okuthi amazwe lezi ziboshwa ezidabuka kuwona agcine ezemukele. Uthi ngenxa yokusondelana kwelakuleli neSwazini, ubungozi balezi ziboshwa bungabeka engcupheni nezakhamizi zaseNingizimu Afrika.

“Yize sikuhlonipha ukuzimela kukahulumeni waseSwazini, sikhathazekile ngobungozi balezi ziboshwa nokuthi kungenzeka zigcine zingena ngokungemvume eNingizimu Afrika, lokhu okungabeka engcupheni ukuphepha wezakhamizi zakuleli,” kusho uPhiri.

Ngenyanga edlule iSwazini imemezele ukuthi yenze isivumelwano neMelika sokuthatha isiboshwa ezinhlanu eziyingozi, izigcine emajele ayo (iSwazini). Kuthiwa kulindelwe ukuba kufike ezinye iziboshwa eziwu-150 okubalwa kuzona namavukelambuso (terrorists).

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...