
UGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala umndeni wegoso uNhlonipho “Thustabane” Dlamini (32), waseMdletsheni, eMzinene, oshe wangqongqa nabayishumi abebegida nabo ingoma esehlakalweni sokushayisana kwetekisi neloli emgwaqeni uN2, eMtubatuba ngeSonto entathakusa.
Kule ngozi igoso lishone namagidangoma alo ayishumi, kwathi abanye baphuthunyiswa esibhedlela besesimweni esibucayi. Kuthiwa bebephuma emcimbini wengoma obuhlelwe ngumculi kamaskandi uVela “Sigwebo Sentambo” Biyela.
Ngemuva kwale ngozi, ithimba leLANGA linikele esizweni abafi abadabuka kuso, lafica abantu bengena bephuma kwaDlamini, beyokhuza lesi siga. Ekhuluma nethimba leLANGA uyise wegoso, uMnu uMpilo Dlamini, uthe bewumndeni bafe olwembiza.
“Lena bekuyindodana yami yokuqala. Ubeyikhonze kakhulu ingoma. Kulesi sikhathi ngikhalela isizwe sakithi ngokulahlekelwa ngumuntu obekwazi ukuqeqesha abasini bengoma,” esho.
Uthe utshelwe ngunina kaThustabane ukuthi bayahamba, bayogida ingoma la bemenywe khona. Uthe akabanga nankinga ngoba vele uyazi yinto indodana yakhe ebiphila ngayo.
“Entathakusa ngifonelwe yisihlobo, sithi sifonelwa ngumuntu osebenza ngama-ambulensi, emazisa ukuthi make sibheke esisondelene nabo ngoba sekube nengozi embi, ehlanganisa abantu abebephuma ukuyogida ingoma. Sisukume ngaleso sikhathi, sayobheka. Sithe uma sifika khona, isimo sendawo yesigameko besinyantisa igazi. Asikwazanga ngisho ukubuka ngendlela abebeshe ngayo. Konke sikubeka kuNkulunkulu,” esho ngomoya onosizi.
Uchaze indodana yakhe njengomuntu obekhuthele, ekwazi ukubheka isimo semfuyo namasimu ekhaya. Emkhakheni wengoma ubesekhule ngendlela yokuthi ubesehlanganise abafana baseMkhanyakude, wasungula iqembu eliqanywe ngaye, okuthiwa ngezikaThustabane.
Ithimba leLANGA lidlulele kwamakhelwane, nabo abalahlekelwe yilungu labo kule ngozi, okunguSifundo Magagula (19), obefunda uGrade 11, eCwakeme Secondary. Umalume kaSifundo, uMnu Sabelo Magagula, uthe umshana wakhe ubezifela ngokugida ingoma.
“Mina bengingazi nokuthi naye uhambile ukuya engomeni. Ngithole ucingo entathakusa lungazisa ukuthi kubenengozi, make ngibheke. Ngithe ngiya endlini yakhe ngangamfica. Ngifonele abangani bakhe, ngababuza ukuthi uphi, bathi uhambile. Sifike esehlakalweni sangamthola, sadlulela esibhedlela, sanikwa uhlu lwamagama abakhona sangamthola, kwacaca ukuthi uphakathi kwabashile,” esho.
Ngesikhathi ithimba leLANGA likule ndawo, omakhelwane bebehla, benyuka behlola imindeni eshonelwe. NoNdunankulu wakwaZulu Natal, uThami Ntuli, ubhonge emswanini kule ngozi. Yenzeka nje, akukapheli ngisho izinyanga ezimbili kwashona umculi kamaskandi uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini, negidangoma lakhe, uGupta Mchunu, engozini yemoto eRichards Bay. Nabo babebuya emcimbini.







