Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMkhwanazi nesexwayiso kwabaphuza bangene emgwaqweni

UMkhwanazi nesexwayiso kwabaphuza bangene emgwaqweni

by | 27 December 2024

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ukhiphe isexwayiso kubashayeli bezimoto abazoshayela bedle izinkamba zikaFaro.

UMkhwanazi uthe njengoba beqhubeka nomkhankaso wokuqinisa ezokuphepha nasemgwaqweni bazowuqinisa umkhankaso wokuqapha isimo sabashayeli bezimoto.

UMkhwanazi ngoLwesine uqhube umkhankaso wezokuphepha noNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli neMeya kaMasipala weTheku uMnu Cyril Xabae emabhishi aseThekwini.

Kulo mkhankaso uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngesibalo sabantu abaphuza utshwala ezidlangalaleni bese bezimbandakanya nezenzo ezingalungile.

Uthe ngeke bakubekezelele ukuthi kube nabantu abaphula umthetho ikakhulukazi njengoba kuseza ubusuku obandulela uNcibijane.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...