UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi ukhiphe isexwayiso kubashayeli bezimoto abazoshayela bedle izinkamba zikaFaro.
UMkhwanazi uthe njengoba beqhubeka nomkhankaso wokuqinisa ezokuphepha nasemgwaqweni bazowuqinisa umkhankaso wokuqapha isimo sabashayeli bezimoto.
UMkhwanazi ngoLwesine uqhube umkhankaso wezokuphepha noNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli neMeya kaMasipala weTheku uMnu Cyril Xabae emabhishi aseThekwini.
Kulo mkhankaso uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngesibalo sabantu abaphuza utshwala ezidlangalaleni bese bezimbandakanya nezenzo ezingalungile.
Uthe ngeke bakubekezelele ukuthi kube nabantu abaphula umthetho ikakhulukazi njengoba kuseza ubusuku obandulela uNcibijane.