Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ugabe ngamakhono amaningi oshiye uKhozi wajoyina iGagasi

Ugabe ngamakhono amaningi oshiye uKhozi wajoyina iGagasi

by | 19 November 2025

UGABE ngamakhono ahlukene umdidiyeli wezinhlelo zomsakazo uThozama Ngwenya oshiye oKhozini FM, wajoyina iGagasi FM ezinyangeni ezimbili ezedlule.

UThozama, obedidiyela izinhlelo ezahlukene oKhozini ngaphambi kokujoyina iGagasi, ube nengxoxo ekhethekile neLANGA lapho echaze ngesinqumo sakhe esimangaze abaningi. Iningi labathandi bomsakazo limangele ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uThozama uyashiya oKhozini, ubuyela emsakazweni aqala kuwona, okuyiGagasi FM, lapho esengumdidiyeli wohlelo lwasekuseni olushayelwa nguFelix Hlophe noMinnie Ntuli.

Ekhuluma neLANGA, uthe bekungasekho okumkhuthazayo nokumnika inselelo yokuya emsebenzini oKhozini.

“Ngididiyele zonke izinhlelo zasemini oKhozini, ngathola ulwazi olunzulu. Lokhu kungenze ngaphelelwa wumdlandla ngoba bekungasekho okungikhuthazayo ngoba bese ngikwenze konke,” esho.

UThozama akagcini ngokuba ngumdidiyeli wezinhlelo zomsakazo, kodwa ungumlingisi njengoba eke wabonakala emdlalweni okhonjiswa kwiNetflix, uMjolo. Uthi uyazifela nangomkhakha wokulingisa azimisele ngokusabalala nakuwona.

Uphinde abengumdlali webhola lomnqakiswano (netball) njengoba eyingxenye yeqembu laKwaZulu-Natal. Usebe kuleli qembu iminyaka emithathu. Udlala lo mdlalo cishe nsukuzonke njengoba ephumula usuku olulodwa.

“Kuyintokozo ukuba yingxenye yaleli qembu, ikakhulukazi njengoba njalo ngonyaka kumele ngenze inhlolokhono ukuze ngibe kulona. Ngidlalela amaligi amathathu, ngakho isikhathi sami esiningi ngisichitha ngizivocavoca,” esho.

Uthe nakuba ematasa ngezinto ezahlukene, kodwa konke okumele akwenze uyakunika isikhathi esifanele. Uthi nakuba kungeyona into esemqondweni wakhe ngokugcwele, kodwa angathanda ukumela izwe kulo mdlalo.

“Ngeke ngiliyeke ithuba, kodwa okuseqhulwini wukuthi ngisabalalise ulwazi lwami kwabanye abaseza ngemuva ngoba baningi engibavumayo ngamakhono kulo mdlalo.”

Uthi isifiso sakhe wukuthi kube neligi esemthethweni futhi enabaxhasi abafanele ukuze abakulo mdlalo bezokwazi ukuziphilisa ngawo.

“Uma singase sibe neligi efana neyePSL, kungaba kuhle ngoba kungasho ukuthi likhona ikusasa kulo mdlalo. Yisona sifiso sami esikhulu ukubona lo mdlalo uthuthuka, ubesezingeni elifanele,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...