
UQHAKAMBISE umlando wokukhula ngesivinini kweGagasi FM ngesikhathi esingangonyaka uKhulekani Shandu oyisikhulu salo msakazo ngesikhathi ugubha iminyaka ewu- 20 wasungulwa ngoLwesihlanu eCornubia.
Lo msakazo ugubhe le minyaka ezindlini zawo eCornubia lapho bekunezinhlelo obekuqhakanjiswa kuzona umlando waso. Imigubo yalo msakazo iqale ohlelweni lwasekuseni olushayelwa nguFelix Hlophe noMinnie Ntuli kwaphothulwa ngolwantambama obelushayelwa nguSphectacular, Selbyonce noNaves.
Kolwantambama abanye abasakazi bezinye izinhlelo nezikhulu babuthane e-studio lapho kukhunjulwe khona zonke izingoma ezike zahlukanisa unyaka kulo msakazo. Kuphinde kwaculwa nezingoma zokuhalalisela lo msakazo ngale minyaka.
UMinnie obengomunye wabasakazi abebekhona kulolu hlelo uhalalisele lo msakazo ngaleli banga wakhumbula izinhlelo zokubuyisela emphakathini ovamise ukuzenza ikakhulukazi lokuhambela izikole.
“Kimina okungihlaba umxhwele ngeGagasi izinhlelo zokuhambela izikole sishintshe impilo zabo ngokuzinikelela nokuzicathulisa ngezidingo ezidingakalayo ukuze abafundi bakwazi ukuzilungiselela ukwenza kahle emabangeni abawenzayo,” kusho uMinnie osebe kulo msakazo iminyaka emithathu.
Uthe ufisela lo msakazo ngokuqhubeka nokukhula nokumela ngasohlangothini lomphakathi ngasosonke isikhathi. UShandu okhulumela lo msakazo uqhakambise isivinini iGagasi elakhula ngaso esikhathini esingangonyaka uqalile.
Uveze ukuthi lo msakazo wagila izimanga ngokufinyelela kwisigidi sabalaleli ngalesi sikhathi esifushane nje.
Uqhube ngokuthi kusukela lapho lo msakazo awukaze ubheke emuva njengoba uqhubeke njalo nokukhula futhi wakwazi nokusabalalisa nangezindawo owabe utholakala kuzoba ngesikhathi uqala.
“Uma uzokhumbula ngesikhathi siqala sasibizwa ngeGagasi 99.5 ngenxa yokuthi sasitholakala emadolobheni athize esifundazweni.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lokhu kugcine kushintsha sabizwa ngeGagasi FM ngenxa yokuthi sesitholakala kusona sonke isifundazwe,” kusho uShandu eveza ukuthi ne-app yalo msakazo yenza uqhubeke ukhule ulalelwe nangabantu abangekho esifundazweni.
Uveze ukuthi bazoba nezinhelelo zokugubha le minyaka ngokuhambela ezindaweni ezahlukene.
“Sisazozimemezela izinhlelo zethu zokugubha nabalaleli bethu le minyaka,” kusho uShandu eveza ukuthi ezinye zizozwakala emoyeni kanti ezinye bazohambela imiphakathi.
UShandu ubonge abalaleli balesi siteshi ngokuthembela kusona waphinde wabonga namabhizinisi asebenzisana naso ukufaka izikhangiso nazo zonke izinhlaka ezibambesene naso.
IGagasi lingesinye seziteshi ezihamba phambili KwaZulu Natal.
Kulindeleke ukuthi lo msakazo umemezele izinguquko ezikhona emoyeni njengoba kuzoqala unyaka wezimali uMbasa.
UShandu akafunanga ukuphawula ngalezi zinguquko njengoba eveze ukuthi okwamanje basagxile ekugubheni iminyaka ewu-20 wasunguwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokusungulwa kweGagasi kwakukhona isiteshi esibizwa ngeP4 okuyisona esaphela ukuze kungena lona.







