
UHALALISELWE nguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, Kwa- ZuluNatal, uMnu Mntomuhle Khawula umculi we-gospel uMalusi Mbokazi, emcimbini wakhe wokugubha iminyaka eyishumi ezimele. Lo mcimbi ubuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngoMgqibelo.
UMbokazi ongene kulo mkhakha ecula neqembu lomculo Abanqobi, uhalaliswe nguKhawula ngebanga aselihambile emculweni, wamkhuthaza ukuba aqhubeke nokuba yisibonelo nakwabanye abaculi ngokuziphatha nangokuzinikela kwakhe kulo mkhakha. Kulo mcimbi, nakuba abantu bekwazile ukuphuma ngobuningi, kodwa i-ICC ayigcwalanga njengoba bezikunezihlalo ebezingenamuntu.
Abantu abebeyingxenye yalo mcimbi babonakale bewuthokozela umculo obuqhululwa nguMbokazi oshiyelane inkundla nabanye ozakwabo emculweni. Phakathi kwabaculi abashiye- lane inkundla noMbokazi, kubalwa uHlengiwe Mhlaba, uBabo Ngcobo, uNtokozo Ngongoma, uSneziey Msomi, uKhaya Mthethwa, uXolisa Kwinana nabanye.
UMbokazi uqhulule inqwaba yezingoma azikhiqizile kule minyaka ekhona emculweni okukhona nazibhalele abanye abaculi. Ekhuluma kulo mcimbi uKhawula, uqale ngokunikeza uMbokazi isipho athe siqhamuka emndenini wakhe, wabe esemhalalisela.
UKhawula uthe uMbokazi ufana nendodana kuyena. Umkhuthaze ukuba aqhubekele phambili, angapheli amandla njengoba umculo wakhe udlala indima emqoka emiphefumulweni yabantu baseNingizimu Afrika. UMbokazi ujabulele ithuba lo- kubona abalandeli bakhe abame- seke kuyona yonke le minyaka ezimele emculweni.
Ubonge ithimba asebenza nalo nabaculi abenabo esiteji. Uphinde wabonga umndeni nenkosikazi yakhe athe idlale indima emqoka ekutheni afinyelele kuleli zinga akulona. Uveze ukuthi sekuyisikhathi sokuthi aqhakambise umkakhe, konke akufisayo kube yikhona akubeka phambili.







