Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Owe-Afrosoul ucotshelelwa ngolwazi lwezobuciko eChina

Owe-Afrosoul ucotshelelwa ngolwazi lwezobuciko eChina

by | 14 November 2025

UTHEMBISA ukusebenzisa ulwazi aluthole eChina ukuqhubeka nokufukula umkhakha wezobuciko uSabelo Ngema ongomunye wabasunguli besikhungo Ikabawo Performing Academy neqembu lomculo i-Afrosoul.

UNgema uyingxenye yethimba laseNingizimu Afrika eliqokwe iNational Arts Council (NAC) ukucotshelelwa ngolwazi olunzulu ngalo mkhakha ohambisana nezokuvakasha eChina.

Ekhuluma neLANGA uqale ngokubonga ithuba eliyingqayizivele alitholile ukuba abe ngomunye wabaqokwayo ukuyothekelwa ngolwazi eChina.

“Ngibonga uhulumeni wethu waseNingizimu Afrika, i-NAC nohulumeni waseChina ngaleli thuba. Engikubonile eChina kuyamangalisa kakhulu,” kusho uNgema.

Uchaze ezobuciko eChina njengesisezingeni eliphezulu kakhulu uma kuqhathaniswa namanye osekunesikhathi athola inkululeko.

“Engibonile eChina wukuthi basebenzisa nathi izinto esinazo ukuthuthukisa ezobuciko babo njengamasiko, ukudansa, ezeshashalazi nomabonakude.

Konke lokhu nathi sinakho eMzansi kodwa okumele sikwenze wukushintsha indlela yokwenza ukuze nezethu zobuciko zithuthuke futhi zikwazi nokuheha izivakashi kuthuthuke noomkhakha wezokuvakasha,” kusho uNgema ekuveza ukuthi okumqoka wukuthi eNingizimu Afrika kuhlale kukhunjuzwana ngokubaluleka kwalo mkhakha ngoba ungakwazi ukudlala indima emqoka nasemnothweni wezwe.

Uthe ulwazi aluthole eChina lumvule ingqondo ngekusasa lalo mkhakha njengoba efunde lukhule ngazo zonke izindlela zokuthuthukisa ezibuciko.

Uthe nakanjani lolu lwazi aluthole eChina uzolidlulisela kubafundi besikhungo sakhe esikhombisa ukukhula futhi esesiqalile ukukhiqiza ithalente elahlukene kulo mkhakha.

Uveze ukuthi ngaphandle kokulisebenzisa ukuqeqesha abafundi bakhe uzophinde alisebenzise naseqenjini lakhe i-Afrosoul esanda kukhipha ingoma esihloko sithi Ngimtholile.

Le ngoma ye-Afrosoul iphume ngenyanga eyedlule kanti iyatholakala ezinkundleni ezahlukene zomculo futhi nasemsakazweni idlalwa ubuthaphuthaphu.

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...