
UCHITHE isitatimende se-ANC ummeli kamsolwa ecaleni lokubulala owayengumholi we-ANC uSindiso Magaqa, u-Adv Andrew Matlamela, ngesikhathi kunezethulo zokugwetshwa kukaSibusiso Ncengwa owazivumela ukuba yingxenye yokuhlela nokubulala lo mholi.
UNcengwa uvele eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.
Ngesikhathi kwenziwa izethulo phambi kwe-Jaji Nontuthuzelo Mlaba umbuso ufunde izethulo ezimbili esomndeni ebesibhalwe nguMnu Lwazi Magaqa ongumfowabo kaSindiso nesikaMnu Kwazi Mshengu obesibhale egameli le-ANC.
EsikaLwazi besichaza ngesimo somndeni kusukela uMagaqa abulawa njengoba siveze ukuthi unina unesifo sikaShukela kanti kusukela kwenzeka lesi sigameko akakaze athole ukwelulekwa ngokwengqondo.
Siqhube ngokuthi njalo uma ezwa kukhulunywa ngegama lendodana uyakhe usakhala ngezinhlungu ezingapheli njengoba kwanguyena owayebhekiwe ngokunakekela umndeni.
Lesi sethulo siphinde sachaza nangesimo sempilo yezingane zakhe uMagaqa okungamawele asehlala eGoli nonina kanti indodana yona ihlala e-Eastern Cape.
U-Adv Matlamela usamukelile lesi sethulo somndeni.
Ese-ANC ebesibhalwe uMshengu besichaza ngohlangothi lwaleli nhlangano kusukela uMagaqa abulawa.
Lesi sethulo siveze ukuthi ukubulawa kukaMagaqa kwadala ukuxokozela nokuphazamiseka eqenjini njengoba ayengomunye wabaholi abaqavile kuyona.
U-Adv Matlamela uthe lesi sitatimende sesedlulelwe isikhathi njengoba kwakumele le nhlangano iziyele ngqo emndenini kaMagaqa ukuyoxolisa kwazise ngabaholi bayo abathintekayo ekuphehleni itulo lokubulala.
Uthe ngenxa yalokhu uyasichitha lesi sethulo. Umholi we-ANC eHarry Gwala uMnu Zamo Nxumalo obekhona enkantolo uzwakalise ukungahambisani nokushiwo ngummeli womsolwa mayelana ne-ANC.
Uthe akulula ukuthi i-ANC iye kwaMagaqa ukuyoxolisa njengoba umholi owayeyiPhini likaNobhala le-ANC KwaZulu Natal ngaleso sikhathi othintekayo ngezinsolo zetulo, wayengakwenzi egameni le ANC ayekwenza.
Uthe ukuya kwaMagaqa ukuyoxolisa kuyobe kuchaza ukuthi i-ANC yayiyingxenye yaleli tulo kanti akunjalo.
“Siyaweseka umndeni wakwaMagaqa ngendlela esingakwazi ngayo. Okunye wukuthi sisanda kuthola ngemuva kokucula kwenkabi ukuthi omunye wabaholi bethu wayeyingxenye yetulo. Sasinazo izinsolo ngenxa yokuthi bakhona ababoshwa kodwa baphinde badedelwa kodwa besingenalo ulwazi olugcwele kuze kube inkabi iyagonyuluka,” kusho yena.
Ukwethulwa kwesigwebo kuyaqhubeka.







