Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UBrenda Ngxoli uphumele obala ngokuhlukunyezwa nguyise wengane

UBrenda Ngxoli uphumele obala ngokuhlukunyezwa nguyise wengane

by | 2 April 2025

UMLINGISI uBrenda Ngxoli uphumele obala ngokuhlunyezwa nguyise wengane yakhe. Ebhala ekhasini lakhe lezokuxhumana ku-Instagram, uthe udaba olusematheni lukaCwecwe, okuyintombazanyana okuthiwa yadlwengulwa emagcekeni esikole, lumenze waqoka ukuphumela obala.

Lo mlingisi ufake i-video kayise wengane ehleli kusofa, ebhema, kunempi yamazwi, embuza ngokusebenzisa izidakamizwa nokunye. Bekukhona nemiyalezo evela kuyise wengane exolisa ngakwenzile, esho nokuthi nguye obesiza ngokondla, njengoba engasekho, akukho ngisho isinkwa endlini futhi nezinkukhu zilambile.

UBrenda ubhale ukuthi uyise wengane wayengenjena ngesikhathi eqala ukuhlangana naye.

“Lona nguyise wengane yami, wayengenjena ngesikhathi ngihlangana naye. Uma kukhona okwenzeka kumina, akumele athathe ingane yami njengoba nginencwadi yesivimbelo,” kusho lo mlingisi kwi-video.


Uthe uyise wengane yakhe udla isidakamizwa esihlanganisa umuthi womkhuhlane neFanta Grape, okumenza abe nodlame. Lesi sidakamizwa saziwa ngele-“ncika”.

Uthe uyise wengane wayemkhahlela, amshaye aphinde amklinye. Uthi akakaze ayibone indodakazi yabo selokhu yazalwa.

Uthi le video ayifakile uthe ngeyangoZibandlela (December) ku-2001. Uthi ngaleso sikhathi wayengakazi nokuthi ukhulelwe, kepha wayesezinyanga eziwu-4. Abalandeli bakhe uBrenda batshengise ukuzwelana naye, bafana nemiyalezo yokumeseka.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ntokazi isanda kuba sematheni ngezingxabano zasemndenini, yagcina ivulelwe isikhwama sokuyinikelela, esahlanganisa u-R100 000.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...