Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukukhathazeka ngesibalo samaphoyisa azibulalayo

Ukukhathazeka ngesibalo samaphoyisa azibulalayo

by | 18 February 2025

SEKUQUBUKE ukukhathazeka ngezempilo nokunakekeleka kwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kulandela ukuphuma kwezibalo eziveze ukuthi angaphezulu kuka-300 amaphoyisa azibulele kule minyaka eyisikhombisa eyedlule.

Ngokubika kwe-eNCA amaphoyisa akhala ngokusebenza ngokweqile kanti kwesinye isikhathi awakutyholi ukwesekwa akufanele njengoba amanye egcine ehlangabezana nengcindezi yomsebenzi (Post Truamatic Stress Disorder).

Inyunyana yamaphoyisa iPOPCRU kubikwa ukuthi ibambe umhlangano namalungu ayo ngempelasonto lapho eveze khona ingcindezi ahlangabezana nayo emsebenzini nokungasekwa kwawo.

Ngokombiko uMnu Richard Mamabolo we-POPCRU ucashunwe edalula ukuthi nakuba izikhulu zamaphoyisa zinalo ulwazi ngalezi zinkinga amaphoyisa ahlangabezana nazo futhi nezinhlaka sezikhona ukuthi asizakale kodwa ziseningi izingqinamba ngalezi zinhlaka.

UMamabolo uthe ezinye zalezi zinhlaka kazikasebenzi ngokugcwele kanti kulezo eseziqalile ukusebenza kusanenkinga yokuzithemba nokugcina izinkinga ziyimfihlo.

Ibamba lePhini likaKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant Lineo Nkhuoa uthe uphiko lwamaphoyisa lushoda ngongoti ngasohlangothini lwezempilo nokunakeleka kwezisebenzi, abazobhekelela konke okuphathelene namaphoyisa.

Uthe amaphoyisa anazo izinhlaka zagaphakathi angazisebenzi uma efuna ukugonyuluka ngendlela eziphatheke ngayo nangengcindezi yomsebenzi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...