Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukukhathazeka ngesibalo samaphoyisa azibulalayo

Ukukhathazeka ngesibalo samaphoyisa azibulalayo

by | 18 February 2025

SEKUQUBUKE ukukhathazeka ngezempilo nokunakekeleka kwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kulandela ukuphuma kwezibalo eziveze ukuthi angaphezulu kuka-300 amaphoyisa azibulele kule minyaka eyisikhombisa eyedlule.

Ngokubika kwe-eNCA amaphoyisa akhala ngokusebenza ngokweqile kanti kwesinye isikhathi awakutyholi ukwesekwa akufanele njengoba amanye egcine ehlangabezana nengcindezi yomsebenzi (Post Truamatic Stress Disorder).

Inyunyana yamaphoyisa iPOPCRU kubikwa ukuthi ibambe umhlangano namalungu ayo ngempelasonto lapho eveze khona ingcindezi ahlangabezana nayo emsebenzini nokungasekwa kwawo.

Ngokombiko uMnu Richard Mamabolo we-POPCRU ucashunwe edalula ukuthi nakuba izikhulu zamaphoyisa zinalo ulwazi ngalezi zinkinga amaphoyisa ahlangabezana nazo futhi nezinhlaka sezikhona ukuthi asizakale kodwa ziseningi izingqinamba ngalezi zinhlaka.

UMamabolo uthe ezinye zalezi zinhlaka kazikasebenzi ngokugcwele kanti kulezo eseziqalile ukusebenza kusanenkinga yokuzithemba nokugcina izinkinga ziyimfihlo.

Ibamba lePhini likaKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant Lineo Nkhuoa uthe uphiko lwamaphoyisa lushoda ngongoti ngasohlangothini lwezempilo nokunakeleka kwezisebenzi, abazobhekelela konke okuphathelene namaphoyisa.

Uthe amaphoyisa anazo izinhlaka zagaphakathi angazisebenzi uma efuna ukugonyuluka ngendlela eziphatheke ngayo nangengcindezi yomsebenzi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...