Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Umnyango ufake isandla emjahweni wamahhashi waseNkandla

Umnyango ufake isandla emjahweni wamahhashi waseNkandla

by | 22 May 2025

BENZE ezibukwayo uMelusi Gamede nehhashi uMbayimbayi, bedla umhlanganiso kwiNkandla May nyakenye.



UMNYANGO wezeMidlalo KwaZulu-Natal, oholwa nguMntomuhle Khawula, ufake isigidi samarandi kwiNkandla May Rural Horse Racing ezokuba ngoMgqibelo kwaNontshiza, eNkandla.

Lo mjaho uqale ngo-2016, kusazidlalela abantu bendawo ngabodwana, kwathi ngo-2017 kwangena uMasipala waseNkandla. Ugqame kakhulu kusaphethe uThami Ntuli osenguNdunankulu wesifundazwe, kulo masipala.

Manje lo mjaho usukhule kakhulu njengoba amahhashi aba yingxenye yawo esevame ukugila izimanga emijahweni emikhulu yasemakhaya esifundazweni.


Ingqwele yanyakenye uMbayimbayi (ihhashi) igile izimanga inqoba lo mjaho, yasuka lapho yayodla umhlanganiso kwiDundee July nakwiKing Cetshwayo Rural Horseracing. Leli hhashi lihlomule ngemali engaphezulu kwesigidi nyakenye, emijahweni elibe yingxenye yayo.


Kulo mjaho waseNkandla kulindeleke amahhashi amaningi asezingeni eliphezulu ukuzilungiselela owaseDundee nowaseKing Cetshwayo.

Imijaho yamahhashi emakhaya isiyidumela njengoba omasipala besifundazwe beneyabo. Ngeledlule izinjomane bezigabavula oLundi kanti ngenyanga edlule abekhiphana inkani eMkhanyakude.


Kungokokuqala kulo nyaka ukuba lo mjaho uxhaswe wumnyango wezemidlalo esifundazweni. Amahhasi alindelekile kulo mjaho nguMbayimbayi, nguNxakanxaka, nguSgwebo Sentambo, nguComputer namanye.


IMeya yaseNkandla uNonhlanhla Nzuza ithe lo mjaho ubaluleke kakhulu endaweni ngoba ukhulisa umnotho wendawo, kanti nosomabhizinisi abasacathula begoduka beqhilika izihlathi njengoba basuke benikwe usuku lokudayisa enkundleni.

Lo mjaho uzokubhulelwa amazolo wumncintiswano kazime (Mr & Miss) ozokuba ngoLwesihlanu eNkandla Indoor Sports Centre. Abazonqoba lapho bazothola ithuba lokumela iNkandla kuMiss noMr King Cetshwayo, nawo ozokube uhambisana nomjaho wamahhashi.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...