
UGUTSHUZELWE yifu elimnyama umkhakha wezemidlalo KwaZulu-Natal kushona uThemba Mkhize, odume ngelikaTV, obeyisekela-mengameli kwiKZN Netball. UMkhize udlule emhlabeni ngoMsombuluko, ngokugula.
Udlula emhlabeni nje, iKwaZulu-Natal isingethe imidlalo yeTelkom Netball League (TNL) eqale ngoMsombuluko kuze kube yiSonto eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Isifundazwe simelwe ngamakilabhu amabili kulo mqhudelwano adlala kwiDivision 2, okuyiKingdom Stars neKingdom Queens.
Ngaphandle kokuba yisekela lukaGugu uMkhize, ongumengameli weKZN Netball, uMkhize ubebuye abe yilungu leKZN Sports Confederation, eholwa nguThami Mchunu, futhi enekilabhu ye-netball.
UGugu kuthe ngoLwesibili ngo-1 emini wabiza bonke abadlali besifundazwe abadlala kwiTNL, ezobazisa ngokudlula emhlabeni kukaMkhize. IStars neQueens kuzokuthi ngoLwesithathu batholane phezulu emdlalweni omqoka wokulwela indawo yesine njengoba amaqembu amane azoqeda ephezulu, azodlala kweyandulela amanqamu lapho azokwenza kahle azonyuselwa kuDivision 1.
Kushaye isikhathi sokushicilela kusahlanganiswa usuku lwenkonzo yesikhumbuzo kaMkhize, kanti kuthiwa kungenzeka ibe ngoLwesithathu eMpangeni.







