Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

by | 17 July 2026

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana.

Lezi zinhlangano – iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa – zihlele ingqungquthela ezoba mhla zingu-22 kuJuly KwaMashu Indoor Sport Centre lapho zizobe zihlanganyele nezikole eziwu-9 zakhona KwaMashu. Inhloso yale ngqungquthela wukuqwashisa intsha ikakhulu abafana ngobungozi bezidakamizwa kanye nobugebengu.

UMnu Mlondi Msweli weSigungu Sezinsizwa, utshele ILANGA ukuthi ukuphumelela kwengqungquthela yamadoda yangonyaka odlule, yikhona okwenze lezi zinhlangano ukuba zibambisane ekulekeleleni othisha ezikoleni, ngokuthi kufundiswe abafana ngendlela yokuziphatha.

“Ngonyaka odlule sibe nengqungquthela yamadoda lapho sasizama ukuthola ikhambi lokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane njengoba igama lawo lihlezi liyanyaniswa nalokhu. Inhloso bekuwukuthola isixazululo nokuthi singalwisana kanjani nale nkinga. Emuva kwale ngqungquthela sibe nengxoxo neSiyabadodisa sagcina sivumelene ukuthi leli vangeli lokuziphatha ake siyolishumayela ezikoleni.

“Siyazi ukuthi iningi lothisha lithwala kanzima ezikoleni ngenxa yezinye izingane zabafana ezingalawuleki. Sibe sesiphuma nokuthi kuzomele siqoqe zonke izikole, sihlanganyele nazo ngokubambisana namaphoyisa akhona KwaMashu. Sihlele ukuba sibambisane nabanye asebedlule kuzona lezi zinkinga engizibalile ukuze nabo abafana bezozizwela ngabo ngobunzima abadlule kubona besaphila leyo mpilo” kusho uMsweli.

Eqhuba uthe okwamanje bazobe beKwaMashu kodwa abanqabile ukuhambela nakwezinye izindawo, inqobo nje uma bemenyiwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...