Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

by | 17 July 2026

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana.

Lezi zinhlangano – iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa – zihlele ingqungquthela ezoba mhla zingu-22 kuJuly KwaMashu Indoor Sport Centre lapho zizobe zihlanganyele nezikole eziwu-9 zakhona KwaMashu. Inhloso yale ngqungquthela wukuqwashisa intsha ikakhulu abafana ngobungozi bezidakamizwa kanye nobugebengu.

UMnu Mlondi Msweli weSigungu Sezinsizwa, utshele ILANGA ukuthi ukuphumelela kwengqungquthela yamadoda yangonyaka odlule, yikhona okwenze lezi zinhlangano ukuba zibambisane ekulekeleleni othisha ezikoleni, ngokuthi kufundiswe abafana ngendlela yokuziphatha.

“Ngonyaka odlule sibe nengqungquthela yamadoda lapho sasizama ukuthola ikhambi lokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane njengoba igama lawo lihlezi liyanyaniswa nalokhu. Inhloso bekuwukuthola isixazululo nokuthi singalwisana kanjani nale nkinga. Emuva kwale ngqungquthela sibe nengxoxo neSiyabadodisa sagcina sivumelene ukuthi leli vangeli lokuziphatha ake siyolishumayela ezikoleni.

“Siyazi ukuthi iningi lothisha lithwala kanzima ezikoleni ngenxa yezinye izingane zabafana ezingalawuleki. Sibe sesiphuma nokuthi kuzomele siqoqe zonke izikole, sihlanganyele nazo ngokubambisana namaphoyisa akhona KwaMashu. Sihlele ukuba sibambisane nabanye asebedlule kuzona lezi zinkinga engizibalile ukuze nabo abafana bezozizwela ngabo ngobunzima abadlule kubona besaphila leyo mpilo” kusho uMsweli.

Eqhuba uthe okwamanje bazobe beKwaMashu kodwa abanqabile ukuhambela nakwezinye izindawo, inqobo nje uma bemenyiwe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...