Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

by | 17 July 2026

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini.


SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame kuwona lonyaka, uPhathisizwe Luthuli.

Ukubangwa kwalobu bukhosi sekuseNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Izindlu zonke ezine zakulesi sizwe ezinquma ngobukhosi, zibize isithangami sabezindaba ngoLwesihlanu eBatcentre eThekwini zizokwethula izinyathelo ezintsha ezithathiwe nokuyikhona okwenza ziphikise ukubekwa esihlalweni kwenkosi uMazwendoda, ziphakamisa uMnu Busani Luthuli naye ozalwa kwenye yalezi zindulu ezine.

USihlalo womndeni uMnu Bukela Luthuli uthe ekukhothameni kwenkosi uPhathisizwe, uhlalile umndeni zonke izindlu kodwa indodana yenkosi noNdlunkulu, abafikanga emhlanganweni. Utshele abezindaba ukuthi ebukhosini bakwaLuthuli akabekwa esihlalweni ozalwa yinkosikazi eyafika emzini isiphukile(isinomntwana wangaphandle).

“UNdlunkulu wafika esenengane yangaphandle. Ngakho-ke inkosi ayizalwa yinkosikazi eyafika isizele ingane okungesiyona eyaseMathulini. Yingakho namanye amakhosi akithi amadala ayethatha amakhosikazi azoqala ukuthola umntwana eMathulini,” kusho uMnu Luthuli.

Isigungu esilawula izindaba zakhona kulobu bukhosi sesithathe isinqumo sokubopha uMnyango wokuBusa Ngokubambisana NeziNdaba zoMdabu, iNkosi esanda kuqokwa uMazwendoda noNdlunkulu uThenjiwe Luthuli. Lesi sigungu esimele zonke izindlu sifuna laba bachaze kabanzi ngokubekwa kweNkosi Mazwendoda ekubeni Sona savumelana ngoMnu Busani Luthuli ongusihlalo weMathulini Trust.

USihlalo womndeni uthe emuva kokuba behlanganile bakhetha inkosi bathumela igama emnyangweni, abazitholanga izimpendulo zokuthi kungani isiphakamiso sabo singaphumelelanga.

“Asazi ukuthi yiziphi izindlu ezahlangana zavumelana ngegama likaMazwendoda, zahlanganela kuphi khona. Asazi ukuthi kungani singachazeliwe isizathu sokufeyila kwegama esaliphakamisa. Umnyango wenza ngendlela yawo hhayi ngeyethu yobukhosi baseMathulini,” esho.


Okhulumela uMnyango wezokubusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu uMnu Senzelwe Mzila, uthe izindaba zobukhosi zokungaboni ngaso linye komndeni, umnyango awuzixoxi kwabezindaba.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...