Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 UMnyango wezeMpilo eKZN ugqugquzela ukusetshenziswa kwemishanguzo

UMnyango wezeMpilo eKZN ugqugquzela ukusetshenziswa kwemishanguzo

by | 29 December 2024

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane unxusa imindeni ukuba yeseke abanezifo ezingamahlalakhona njengoba kuyisikhathi sentokozo yamaholidi kaDisemba.

“Njengemindeni kumqoka ukweseka abathandiweyo ukulawula izifo ezingamahlalakhona ukwehlisa ingcindezi yezifo emphakathini yethu. Masithokozele amaholidi kaZibandlela ngendlela ephephile, senze izinqumo eziphephile nezinempilo,” kusho ungqongqoshe.

Uthe nangamaholidi kubalulekile ukuba abantu badle imishanguzo yabo yezifo ezingamahlalakhona okubalwa kuyo eyeTB, iHIV, isifo sikashukela neBP ngendlela okuyiyo.

Lo mnyango uzobe unomkhankaso kusasa ozoqala eBlue Lagoon uphethe eSouth Beach eThekwini wokugqugquzela ukuzinakekela ngokwezempilo, lapho uNkz Simelane ezobe egqugquzela amalungu omphakathi ukuba aziqaphe.

Umnyango uzogqugquzela ukudla imishanguzo ngendlela eyiyo, ukuzibandakanya ocansini oluphephile, wexwayise ngokuphuza utshwala ngokweqile nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...