Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 UMnyango wezeMpilo eKZN ugqugquzela ukusetshenziswa kwemishanguzo

UMnyango wezeMpilo eKZN ugqugquzela ukusetshenziswa kwemishanguzo

by | 29 December 2024

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Nomagugu Simelane unxusa imindeni ukuba yeseke abanezifo ezingamahlalakhona njengoba kuyisikhathi sentokozo yamaholidi kaDisemba.

“Njengemindeni kumqoka ukweseka abathandiweyo ukulawula izifo ezingamahlalakhona ukwehlisa ingcindezi yezifo emphakathini yethu. Masithokozele amaholidi kaZibandlela ngendlela ephephile, senze izinqumo eziphephile nezinempilo,” kusho ungqongqoshe.

Uthe nangamaholidi kubalulekile ukuba abantu badle imishanguzo yabo yezifo ezingamahlalakhona okubalwa kuyo eyeTB, iHIV, isifo sikashukela neBP ngendlela okuyiyo.

Lo mnyango uzobe unomkhankaso kusasa ozoqala eBlue Lagoon uphethe eSouth Beach eThekwini wokugqugquzela ukuzinakekela ngokwezempilo, lapho uNkz Simelane ezobe egqugquzela amalungu omphakathi ukuba aziqaphe.

Umnyango uzogqugquzela ukudla imishanguzo ngendlela eyiyo, ukuzibandakanya ocansini oluphephile, wexwayise ngokuphuza utshwala ngokweqile nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...