Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMroza uhlose ukubuyisa isithunzi sakhe ngeMpucuzeko

UMroza uhlose ukubuyisa isithunzi sakhe ngeMpucuzeko

by | 15 August 2025

ULWA nokubuyisa udumo lwakhe ngokuzimisela kwiMpucuzeko Maskandi Festival yakulo nyaka, umculi kamaskandi ongowokuqala emlandweni endimeni yalo mculo ukwehlukanisa unyaka emsakazweni omkhulu, uKhozi FM nakwiSABC Summer Song, kumabonakude.

USthembiso “Mroza” Fakude, waseMkhuze, eMkhanyakude, owaduma ngengoma ethi, “Van damme”, uthi njengoba kubhekwe emcimbini weMpucuzeko ongomhla ka-30 kwephezulu, ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusho ukubuya kwamandla akhe emicimbini.

Uthe ukwehlelwa kwakhe yizinga eminyakeni emibalwa edlule, kulimaze kakhulu ukumenywa kwakhe emicimbini. Uthi njengoba ebuye nge-albhamu entsha, eshisa izikhotha ngengoma ethi “Ayaphi Amaphoyisa”, likhulu ithemba ngaye emculweni.

“Ziningi izinkinga engibhekane nazo okuyizona eziphazamise kakhulu umculo wami. Ngikwazile ukubhekana nazo njengoba sengibuye ngengoma ethandwa kakhulu emculweni.

“Nginethemba lokuthi kwiMpucuzeko yiyona le ngoma ezongikhulumela phambi kwezindimbane zabalandeli. Kuyaziwa ukuthi lo mcimbi yilapho sonke singamaciko, sithola khona ithuba lokuziveza amandla ethu,” kusho uMroza.

Kule ngoma upike uShenge waseHlalankosi noMfoka Msezane. Ukuthakaselwa kwayo kakhulu kubonakale ngokuthi ishaye izibalo eziphezulu online – kwiYoutube, ngokwesibalo sabayilalelayo.

KwiMpucuzeko yakulo nyaka kuboshelwe Izingane Zoma, Imithente, uNdoni, uBuselaphi, uJumbo, uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, uNjoko, uMenzi, uMjolisi, uSaliwa, uBahubhe, iThwasa Lekhansela, uNtencane, uFalabo, uQhosha, u-Ali Mgube, uCevuzile, Amageza Amahle, uLimit, uMafikizolo, uSkweletu, uMkhulekelwa, uJaivazimnike, iMfezemnyama, uDumakahle, iNkosi Yamagcokama, uThokozani Langa, iNyon’ emhlophe, uMfiliseni Magubane, Amavikela Mbuso, iBhova Elincane, uMdumazi, uMayogathi, uMzukulu kaShafuza, uSminofu, uMashelela, nabanye.

Amathikithi okubukela umcimbi atholakala eComputickets ngo-R150. Amathikithi ezicukuthwane abiza kusukela ku-R950 kuya ku-R25 000, kanti umcimbi wesekwe wuMasipala weTheku, yiphephandaba ILANGA nohulumeni waKwaZulu-Natal.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...