Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UMokoka uncoma isinqumo sokusakazwa kwemijaho yeHollywoodbets kwaSABC

UMokoka uncoma isinqumo sokusakazwa kwemijaho yeHollywoodbets kwaSABC

by | 12 September 2025

INGWAZI yomsubathi wakuleli uStephen Mokoka, osephathe amarekhodi amaningi akuleli usishayele ihlombe isenzo seHollywoodbets sokufaka imijaho yawo emisakazweni.

NgoMgqibelo abasubathi bazokube bekhiphana inkani kwiHollywoodbets Joburg 10km egubha unyaka wesibili, ezokuba seGoli. Lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abawu-8000 okungafani nanyakenye lapho babewu-6000.

UMokoka uthe kuyamthokozisa ukuthi lo mjaho uzokube eyingxenye yawo uzokube usakazwa bukhoma kuSABC.

“Ngibonga kakhulu isinqumo seHollywoodbets sokuba lo mjaho usakazwe kuSABC. Kangananxa noSuperSport. Inkinga ngawo ukuthi bayingcosana abasubathi abakwazi ukubuka umjaho wethu uma usakazwa kuSuperSport okungafani noSABC ovuleleke kuwonke wonke.

“Ngihlala eGoli kodwa kangizalelwanga khona. Ingxenye yabantu bangasekhaya abakwazi ukungibona ngigijima uma umjaho udlala kuSuperSport. Ngibonga kakhulu ngokulethwa lo mjaho kuSABC.

“Ngiyacela nabanye abaxhasi ukuba bangene bazoxhasa umdlalo wokugijima. Ukugijima kuyindlela yokuphila. Kusiza abantu abaningi ukuba baphile, bangangenwa izifo kalula. Ngigqugquzela bonke abantu ukuba bazihlanganise nezemidlalo,” kusho uMokoka osubathela iHollywood Athletics Club.

Mayelana nomjaho iHollywoodbets Joburg 10km, lo msubathi uthe uwulindele kodwa kunzima ukuqagula ukuthi kuzokwenzekani ngoba umzila wawo unzima. UMokoka ozokube egadulisana noThabang Mosiako oyimfivilithi ukuwunqoba, uthi uze kulo mjaho ukuzozilungiselela iSanlam Cape Town Marathon ezokuba ngenyanga ezayo. Omunye umsubathi obhekiwe nguCwenga Nose wePhantane, ingqwele yeComrades Marathon uTete Dijana ukubala nje abambalwa besilisa.

Kwabesifazane kukhona uCacisile Sosibo, uKarabo Mailula othe ufuna ukwenza njengoba kwenza uzakwabo uGlenrose Xaba onqoba kwasani, uNtsoaki Molahloe, uGerda Steyn ukubala nje abambalwa.

IHollywoodbets inemijaho emadolobheni amabili amakhulu kuleli okuyiTheku neJo kanti kunamahlebezi athi kungenzeke babe nomunye wesithathu ngonyaka ozayo eCape Town.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...