Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 USuthu luqinise isikwati salo ngomgadli waseNamibia

USuthu luqinise isikwati salo ngomgadli waseNamibia

by | 14 January 2025

AMAZULU FC aqinise isikwata sawo ngonkonko lo mgadli u-Elmo Kambindu (31) odabuka eNamibia, obegijima kwiChippa United.


Lo mdlali wethulwe ngokusemthethweni namuhla ngoLwesibili nguMegameli wale kilabhu uSandile Zungu.

Lo mgadli uthe: “Ngithanda ukubonga umengameli wekilabhu ngokungiletha kule kilabhu eseqophelweni eliphezulu. Ngijabulile ngokuba lana futhi ngizele ukuzohlohla inqwaba yamagoli. Ngibonga nokwesekwa engikutholayo selokhu ngifike kule kilabhu.”


USuthu luphinde lwaqinisekisa ukuthi lubolekise ngo-Olwethu Mzimela (23) ongunozinti noSiyanda Hlabangeza (22) odlala esiswini kwiDurban City. Babolekiswe kuze kuphele isizini.

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...