Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Umqeqeshi weDowns ubalisa ngobuthaka emabholeni agotshiwe

Umqeqeshi weDowns ubalisa ngobuthaka emabholeni agotshiwe

by | 9 August 2026

UKHATHAZWA wukungenelwa ngamagoli aqhamuka emabholeni agotshiwe – abahlulwa wukuwamaka – umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso. IDowns idlulele kuma-semi final eMTN8 yehlula ngo-3-2 esikhathini esengeziwe iPolokwane City ngoMgqibelo ebusuku eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Amagoli eDowns ashaywe nguTebogo Mokoena, u-Antonio van Wyk noCassius Mailula. AwePolokwane ashaywe nguBonginkosi Dlamini noTidimalo Molokwane. UCardoso uthi le nkinga yokwehluleka ukumaka amabhola agotshiwe kufanele bayilungise ngokushesha ngoba beyibahlupha nangesizini edlule.

“Umdlalo wethu nePolokwane ubunzima, besingafuni ukuthi uye esikhathini esengeziwe ngenxa yezimo esibhekana nazo.
Abadlali bami abakabi fithi kahle ngenxa yokuthi amalungiselelo ethu okuqala kwesizini kawazange ahambe ngendlela ebesifisa ngayo.

“Abadlali bami bakhathele ngenxa yokuthi abanye babo basijoyine sekuhambe isikhathi ngenxa yokuthi bekufanele sibaphumuze njengoba bebedlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba kanti abanye basalimele.

“Kodwa-ke inkinga esinayo siyahluleka wukumaka amabhola agotshelwa ebhokisini lethu. Uma ubuka womabili amagoli abawashayile bekungamabhola agotshiwe, esihluleke wukuwamaka. Nangesizini edlule besinenkinga efanayo okuchaza kona ukuthi kuzofanele siyisukumele ngokushesha le nto,” kusho uCardoso.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...