
Abebhikisha ngaphandle kweCity Hall, eThekwini kusukela ekuseni amalungu eDemocratic Alliance, eholwa ubuholi baleli qembu KwaZulu-Natal, nakuMasipala weTheku. USotswebhu oMkhulu we-DA kuMkhandlu weTheku, uMnu Thabani Mthethwa, uthi bafuna ibhantshi ligcwale umoya kuMenenja kaMasipala weTheku, uMnu uMusa Mbhele. Uthi uMnu uMbhele, uyehluleka ukulawula ukusebenza kukaMasipala weTheku, yikho kunenkinga yokulethwa kwamanzi kwizakhamizi zaseThekwini.
“Phakathi kwezinto ezikhinyabeza ukulethwa kwamanzi emiphakathini, ukuthi kunezisebenzi ezivilaphayo. UMnu uMbhele, njengeMenenja kaMasipala akathathele abaphathi beminyango evilaphayo izinyathelo, abakhombe indlela uma kunesidingo. Kunabanikazi bamaloli aletha amanzi emiphakathini (water tankers), abakhinyabeza izinhlelo zikamasipala zokuphakela amanzi emiphakathini, ukuze kuqashwe bona, benze lowo msebenzi. Samtshela uMnu uMbhele, ukuthi akafake uPhiko lwezobuNhloli (Intelligence Unit), lubheke ukukhinyabezwa kokulethwa kwamanzi emiphakathini,” esho.
“Kukhona imizi engamanxuluma eLovu, eMzinyathi nase-Adams, abantu abakhe khona kufanele ngabe bayawakhokhela amanzi, ngoba mikhulu imizi yabo. Yizo zonke izinto esizitshele uMnu uMbhele, ukuthi akazilungise kodwa wathalalisa. Yingakho sithi akasuke esikhundleni adedele umuntu ongawenza umsebenzi ngendlela engasiza umphakathi,” kusho uMnu uMthethwa.
Uvumile ukuthi enye inkinga eyenza ukulethwa kwamanzi emiphakathini eyakhele iTheku kugqoze, ukuthi ingqalasizinda (infrastructure), isindala futhi iyawohloka, wathi yinto engabe kade yalungiswa leyo.
Umbhikisho oseCity Hall, uholwa nguMholi weDA esifundazweni, uMnu Franscois Rodgers, iPhini lakhe uMnu uS’thembiso Ngema, uSotswebhu oMkhulu weDA, kuMkhandlu weTheku, uMnu uThabani Mthethwa, namakhansela aseThekwini, eDA.
Kwenzeka lo mbhikisho nje, uNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli, uMeya kaMasipala weTheku, uKhansela uCyril Xaba, uMdidiyeli eThekwini Presidential Task Team, uMnu uMike Mabuyakhulu, izolo ntambama, bebebambe isithangami nabezindaba bedingida ngezinkinga zokulethwa kwamanzi emiphakathini, nezixazululo ezingabakhona.
menzi.jele@ilanganews.co.za.