Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo silobole ngezinkomo eziwu-70

ISilo silobole ngezinkomo eziwu-70

by | 22 July 2026

SEKUBHEKWE ukuba kuqale izingxoxo zomgcagco weSilo uMisuzulu noNdlu- nkulu waso wesine, uSihle, “KaMawewe” Mdhluli.

 Ngomgqibelo iSilo sizishaye zaphelela zonke izinkomo eziwu-70, ekhweni laso eNkomazi, eMpumalanga. 

 Besithume abakhongi baso ababili uMntwana uNathi wase- ndlini yakwaMandlakazi, 

noNdunankulu wakwaZulu, iNkosi uPhathisizwe Chiliza.

Umcimbi ubuhanjelwe ngabantwana ne- nqwaba yezicukuthwane. 

Okhulumela iSilo uMnu Mpikayise Buthelezi, utshele ILANGA ukuthi bekufinywa nge- ndololwane kulo mcimbi.
   “Isilo sizishaye zonke zaphelela, saze sambesa abasekhweni.
   Into edale ukuba silobole ngezi- nkomo ezingaka wukuthi uNdlunkulu uMawewe uzalwa ebukhosini. Umcimbi uhambe kahle kakhulu, kwabuswa kwaba njeyaya. Izingxoxo zamalobolo beziphethwe nguNdunakulu kaZulu, iNkosi uPhathisizwe noMntwana uNathi. Njengamanje sesibhe- ke ukuba kuqale izingxoxo zo- mshado,” esho.   

Ezinkundleni zokuxhumana iSilo sibonakale sigiya nondlu- nkulu waso, kubonakala ukuthi sijabule. 

UKaMawewe uzoba nguNdlu- nkulu wesine weSilo uMisuzulu njengoba ejoyina abanakwabo, okunguNdlunkulu uNtokozo,
uKaMayisela, uNdlunkulu uNozizwe uKaMulela, noNdlunkulu uNomzamo, uMaMyeni. 

UKaMawewe wethulwe ngo- nyaka owedlule eNdlunkulu nge- sikhathi iSilo sihambele uMkhosi woMhlanga waseSwazini konina- lume. 

Kusukela ethulwa uKaMawewe, useke wabonakala izikhawu eseceleni kwe- Silo emicimbini eyahlukene, okubalwa neyaphesheya kwezi- lwandle. 

Emicimbini yakuleli uvamise ukubonala ehleli phansi ecansini eduze kweSilo. Phambilini kuke kwaba nezinkulumo zokuthi uKaMawewe nguyena ozoba ngu- mama wesizwe samaZulu, kwazise uzalwa ebukhosini. 

Nokho okhulumela iSilo 

uButhelezi, ukuchithile lokho. Utshele ILANGA ukuthi zonke izinkomo eziwu-70, zikhishwe 

eNdlunkulu, okucacisa ukuthi akalotsholwanga yisizwe sakwaZulu. 

Ngokomlando, umama wesizwe nguyena okuvamise ukuthi ku- bhekwe kuyena ozozala iSilo esi- landelayo sakwaZulu. 

Ngokwemibiko, uNdlunkulu uKaMawewe uzozinza esigodlwe- ni esisha, esisanda kwakhiwa eMashobeni, ngasoPhongolo. 

Kubikwa ukuthi lesi sigodlo sinomlando onzulu, othinta iSilo uShaka kaSenzangakhona, esiwu- mbumbi wesizwe sakwaZulu. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...