Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo silobole ngezinkomo eziwu-70

ISilo silobole ngezinkomo eziwu-70

by | 22 July 2026

SEKUBHEKWE ukuba kuqale izingxoxo zomgcagco weSilo uMisuzulu noNdlu- nkulu waso wesine, uSihle, “KaMawewe” Mdhluli.

 Ngomgqibelo iSilo sizishaye zaphelela zonke izinkomo eziwu-70, ekhweni laso eNkomazi, eMpumalanga. 

 Besithume abakhongi baso ababili uMntwana uNathi wase- ndlini yakwaMandlakazi, 

noNdunankulu wakwaZulu, iNkosi uPhathisizwe Chiliza.

Umcimbi ubuhanjelwe ngabantwana ne- nqwaba yezicukuthwane. 

Okhulumela iSilo uMnu Mpikayise Buthelezi, utshele ILANGA ukuthi bekufinywa nge- ndololwane kulo mcimbi.
   “Isilo sizishaye zonke zaphelela, saze sambesa abasekhweni.
   Into edale ukuba silobole ngezi- nkomo ezingaka wukuthi uNdlunkulu uMawewe uzalwa ebukhosini. Umcimbi uhambe kahle kakhulu, kwabuswa kwaba njeyaya. Izingxoxo zamalobolo beziphethwe nguNdunakulu kaZulu, iNkosi uPhathisizwe noMntwana uNathi. Njengamanje sesibhe- ke ukuba kuqale izingxoxo zo- mshado,” esho.   

Ezinkundleni zokuxhumana iSilo sibonakale sigiya nondlu- nkulu waso, kubonakala ukuthi sijabule. 

UKaMawewe uzoba nguNdlu- nkulu wesine weSilo uMisuzulu njengoba ejoyina abanakwabo, okunguNdlunkulu uNtokozo,
uKaMayisela, uNdlunkulu uNozizwe uKaMulela, noNdlunkulu uNomzamo, uMaMyeni. 

UKaMawewe wethulwe ngo- nyaka owedlule eNdlunkulu nge- sikhathi iSilo sihambele uMkhosi woMhlanga waseSwazini konina- lume. 

Kusukela ethulwa uKaMawewe, useke wabonakala izikhawu eseceleni kwe- Silo emicimbini eyahlukene, okubalwa neyaphesheya kwezi- lwandle. 

Emicimbini yakuleli uvamise ukubonala ehleli phansi ecansini eduze kweSilo. Phambilini kuke kwaba nezinkulumo zokuthi uKaMawewe nguyena ozoba ngu- mama wesizwe samaZulu, kwazise uzalwa ebukhosini. 

Nokho okhulumela iSilo 

uButhelezi, ukuchithile lokho. Utshele ILANGA ukuthi zonke izinkomo eziwu-70, zikhishwe 

eNdlunkulu, okucacisa ukuthi akalotsholwanga yisizwe sakwaZulu. 

Ngokomlando, umama wesizwe nguyena okuvamise ukuthi ku- bhekwe kuyena ozozala iSilo esi- landelayo sakwaZulu. 

Ngokwemibiko, uNdlunkulu uKaMawewe uzozinza esigodlwe- ni esisha, esisanda kwakhiwa eMashobeni, ngasoPhongolo. 

Kubikwa ukuthi lesi sigodlo sinomlando onzulu, othinta iSilo uShaka kaSenzangakhona, esiwu- mbumbi wesizwe sakwaZulu. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...