
USOLE ukungaxhaswa ngemali kwezinhlaka ezibhekelele ukuphepha emingceleni njengembangela yokungena kwezimpahla nabantu ngokungemthetho usihlalo wekomidi elibhekelele ukusebenza ngokubambisana emingceleni yakuleli, uDkt Malusi Gigaba.
UGigaba ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi ehola ikomidi elisemkhankasweni wokuhambela yonke imingcelene engenela kuleli, ngenhloso yokubheka izimo okusetshenzwa ngaphansi kwazo.
Uveze ukuthi inkulu inselelo ebhekene nabaqashelwe ukusebenza emingceleni yakuleli, ikakhulukazi umbutho wezokuvikela. Uthe umbutho ubhekene nenkinga yokushoda kwezimoto kanti futhi kunesibalo esincane sezibesebenzi.
“Ezweni lonke kufanele ngabe kunezinkampani eziwu-22 ezigada imingcele, kodwa kumanje kunezinkampani eziwu-15 kuphela. Ukungafakwa kwemali kwenza ukuthi kube nzima ukusebenza emingceleni yakuleli. Ngakolunye uhlangothi, kuba nzima ukwengeza isibalo samasosha azogada umngcele.
“Kuningi okwenzekayo okungalungile emingceleni yakuleli okubalwa kukhona ukungeniswa kwempahla engekho emthethweni, ubugebengu nokungena kwabantu abangenazimvume zokungena kuleli laseNingizimu-Afrika,” kusho uGigaba.







