Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Undunankulu ukhuza udlame oluncikene nobulili

Undunankulu ukhuza udlame oluncikene nobulili

by | 6 April 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli, usephake impi wathi ayiyokulwa nesihlava sodlame oluncikene nobulili.

UMphemba, ubekhuluma emgcwabeni kaNkz Nokuphila Mbhele (29) waseXobho, otholakale ebulelwe endlini abeqashe kuyo, eMandawe, eScottbsburgh, ngesonto eledlule.


UNkz Mbhele kuthiwa wabulawa yisoka lakhe, ngoba nalo lathatha isibhamu lazidubula, kodwa alangafa. Lisagadwe ngamaphoyisa esibhedlela, njengoba siloba nje.


“Yisihlava esibi lesi. Isifunda uGu, yisona esihlaselwe kakhulu yilesi sihlava sodlame oluncikene nobulili. Ayihlome ihlasele bakithi, silwe nale nto embi kangaka, ebulala imiphakathi yakithi.

“Makuqalwe kwakhiwe imindeni enesisekelo esiqinile, nezihloniphayo ukuze kunqotshwe loludlame,” esho.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

NGUMNU Mike Shingange onguMengameli omusha weCosatu. KUQUBUKE ukudideka kwabaningi ngesikhathi uZingiswa Losi, obengumengameli weCosatu, esekhethwa ebangunobhala-jikelele, walo mfelandawonye wezinyunyana. Engqungqutheleni yeCosatu yezinsuku ezintathu ephothulwe...

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...