
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli, usephake impi wathi ayiyokulwa nesihlava sodlame oluncikene nobulili.
UMphemba, ubekhuluma emgcwabeni kaNkz Nokuphila Mbhele (29) waseXobho, otholakale ebulelwe endlini abeqashe kuyo, eMandawe, eScottbsburgh, ngesonto eledlule.
UNkz Mbhele kuthiwa wabulawa yisoka lakhe, ngoba nalo lathatha isibhamu lazidubula, kodwa alangafa. Lisagadwe ngamaphoyisa esibhedlela, njengoba siloba nje.
“Yisihlava esibi lesi. Isifunda uGu, yisona esihlaselwe kakhulu yilesi sihlava sodlame oluncikene nobulili. Ayihlome ihlasele bakithi, silwe nale nto embi kangaka, ebulala imiphakathi yakithi.
“Makuqalwe kwakhiwe imindeni enesisekelo esiqinile, nezihloniphayo ukuze kunqotshwe loludlame,” esho.
menzi.jele@ilanganews.co.za