Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuphazamiseke uhlelo kwelobhekene nelokushaya abulale indodakazi yakhe

Kuphazamiseke uhlelo kwelobhekene nelokushaya abulale indodakazi yakhe

by | 20 February 2026


UKUGULA kommeli kuphazamise uhlelo lokuvuma icala kowesilisa waseNhlanzini, kwaMbonambi, obhekene necala lokubulala indodakazi yakhe ayizalayo, maqede wahlala nesidumbu sayo endlini saze saqala ukonakala.


Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu, eNkantolo eNkulu yase-Mthunzini, lapho obekulinde-leke khona ukuba uMnu Bongani Reinhardt Mthembu (41), avume icala lokubulala indokakazi yakhe, uNkz Slindokuhle Mthembu (17).
Kuvela ukuthi wakwenza lokhu maqede wahlala nesidu-mbu sayo izinsuku, esigamekweni esenzeka ngoMasingana (January) wonyaka owedlule.


Ngokwamaphepha asenkatolo, kuvela ukuthi uMthembu waye-hlala nendodakazi yakhe, khona eNhlanzini, ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabo.


Kuthiwa uMthembu wabe eseshaya umufi ngemvubu nangezi-nye izinto, okwadala ukuba alimale kanzima umzimba wonke.
UMthembu ngesikhathi eqhu-beka nokushaya indodakazi yakhe, umbuso uthi wayebona ukuthi isilimele kakhulu, futhi kungenzeka idlule emhlabeni, kodwa waqhubeka nokuyishaya.
Kuvela ukuthi umufi wabe eseshona ngaleso sikhathi, okuyilapho uyise amvalela khona endlini, isidumbu sakhe satholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili, sesiqala ukonakala.


Kuthiwa umbiko wokuhlolwa kwesidumbu waveza ukuthi umufi wabulawa wukulimala kakhulu ekhanda.
NgoLwesine, uMthembu ongaphandle ngebheyili, bekulindeleke ukuba avume leli cala phambi kwenkantolo, kodwa kwa-ngenzeka, ngemuva kokuba umshushisi uSiyabonga Xolani Cele, etshele inka-ntolo ukuthi ummeli kaMthembu ngeke akwazi ukuba senkantolo.


“Nkosi yenkantolo, ngi-xhumanile nommeli ka-mmangalelwa namuhla, engazisa ukuthi ngeke abe yingxenye yenkantolo ngenxa yokuthi kumele abonane nodokotela njengoba engaphilile.
“Sibe sesiphakamisa ukuthi leli cala liguqele umhla ka-14 kuMbasa (April) nonyaka,” kusho uCele.
IJaji u-Elisje-Marie Bezuiden-hout, lisemukelile lesi siphakamiso, icala laliguqisela usuku oluphakanyiswe nguCele.

ngubo@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...