Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Usihlalo weNFP eKZN uyazihlangula ekuphumeni kuhulumeni wesifundazwe

Usihlalo weNFP eKZN uyazihlangula ekuphumeni kuhulumeni wesifundazwe

by | 28 October 2025

UNKZ Mbali Shinga, ohola iNFP KwaZulu-Natal – ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi ngaphansi kukahulumeni wenhlanganisela oholwa nguMnu Thami Ntuli – uyaziqhelelanisa nesitatimende sikamengameli waleli qembu, uMnu Ivan Barnes, sokuhlamuka uhulumeni wesifundazwe.

Esitatimendeni esikhishwe nguBarnes, uthe iNFP kayisenalo ithemba ngobuholi bukaNtuli, futhi iphakamisa ukuthi kube noshintsho ebuholini balesi sifundazwe. Kulesi sitatimende, ukhala ngokuthi iNFP ikhathazekile ngamaqembu ahlanganise lo hulumeni njengoba engabakhathalele abantu eKZN.

UBarnes uthi lo hulumeni kawusayilandeli imigomo eseqhulwini, yokuhlinzekela abantu besifundazwe izidingongqangi njengoba kwabanye omasipala ingabonakali intuthuko. Uthi ubona kufanele ukuthi iMK Party inikwe ithuba lokuhola uhulumeni ngenxa yo-kwesekwa ekuthola emphakathini.

UBarnes ubhala lesi sitatimende nje, kuzokhumbuleka ukuthi iMK Party isanda kufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi kukaNtuli esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Leli qembu lanxusa ukuba uSomlomo wesiShayamthetho uNkz Nontembeko Boyce, avume ukuba kuhlale umhlangano lapho okuzodingidwa khona kuphinde kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaNtuli engakapheli amasonto amabili kufakwe lesi siphakamiso.

Ngeledlule, uNkz Boyce ukuqinisekisile ukuthola le ncwadi, wathi uzolandela yonke imigudu ehambisana nomthethosisekelo ngayo, ngaphambi kokuphendula ngokugcwele. Ngakolunye uhlangothi, uNkz Shinga uyaziqhelelanisa nesitatimende seqembu lakhe, sokuhlamuka lo hulumeni wenhlanganisela.

Uthi kakuxhunyanwanga naye ngaphambi kokushicilelwa kwaso njengoba esibone ezinkundleni zokuxhumana njengezinkumbi zabanye abantu. Uthe kakukho azokuphawula ngaso, wanxusa ukuba kuxhunyanwe nomshicileli waso.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekunesikhathi kugqama uqhekeko phakathi kukaBarnes noNkz Shinga. Ngonyaka odlule uBarnes uke wenza imizamo yokuhoxisa uNkz Shinga esiShayamthetho, kodwa wehluleka ngenxa yomthethosisekelo obungamgunyazi ukuthi angamhoxisa.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...