
‘LIDUBULE labulala inkosikazi yalo emagcekeni asenkantolo’ iphoyisa ebeliboshelwe icala lesondlo sezingane zabo, maqede lazidubula nalo.
ILANGA lithole ukuthi uSgt Philani Nzimande waseSankontshe, eHammarsdale, kubikwa ukuthi usesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokuzidubula ekhanda, esebulale inkosikazi yakhe uNkk Nomfundo Cherol Nzimande (osesithombeni), ngeledlule. Kuthiwa lesi sigameko senzeke bephuma enkantolo, kuyodingidwa indaba yesondlo sezingane.
ILANGA likhulume noMnu Mlungisi Mhlongo ongumfowabo kamufi (uNkk Nzimande), othe umufi nomyeni wakhe bebenomlando wokuhlala ngokuxabana, kodwa bebengazitsheli ukuthi sekungaze kuphume isidumbu. Uthe udadewabo nomyeni wakhe bese behlala ngokwehlukana, ngenxa yakho ukuxabana.
Uthe kwenzeke lesi sigameko nje, bebeyokhuluma indaba yesondlo, ngoba uNzimande ubengayikhokhanga imali ngenyanga edlule. Uthe nakhona lapho, bekunobango wokuthi ubethi ufuna ukuzondla ngo-R1000 kuphela izingane zabo ezintathu.
“Ubengumuntu owondla kahle phambilini, kushintshe konke ngesikhathi esethole enye ingane entombini, kwaqala kwaba nezinkinga phakathi kwabo,” esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda uthe: “Amaphoyisa aseMpumalanga (eHammarsdale) aphenya ngecala lokubulala, esigamekweni lapho iphoyisa ebelingekho emsebenzini, kusolwa ukuthi libulale uphathina walo emagcekeni asenkantolo, labe nalo selizidubula lapho kupakwa khona izimoto. Umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuzidubula.”







