
NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne’s, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela.
Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse, eNkandla.
IMK Party, neJacob Zuma Foundation, bebelokhu besho ukuthi ukugula kukaMsholozi, bekwenziwa ihaba ngabezindaba, ngoba wangeniswa ukuthi ayoxilongwa, hhayi okungaphezu kwalokho.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana, ukuba sesibhedlela kukaMsholozi, bese bekwenza ihlaya, bethi “akalale ngokuthula.”
Phakathi kwabaholi, abafisele uMengameli weMK Party, ukwelulama okusheshayo, ngoMnu Cyril Ramaphosa, ngoLwesihlanu.
UMsholozi, wakhala ngokuthi ‘akazizwa kahle,” ekomunye umcimbi eMsinga, ngoLwesibili, olwedlule.
Elinye ilungu lomndeni wakhe, litshele iTimes Media, ngempelasonto, ukuthi sekuyisikhathi sokuthi akame kwipolitiki, ukuze anakekele impilo yakhe.
UMsholozi useneminyaka engu-84, ephila emhlabeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







