Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

Isishayamthetho sithi sikulungele ukufungisa uBarnes kusasa

by | 20 October 2026

USOMLOMO weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkz Nontembeko Boyce uthi uselinde ukuthi anikwe isinqumo sejaji elichithe uNkz Mbali Shinga esicelweni sokubuyekezwa kwecala lokuxoshwa kwakhe yiNational Freedom Party (NFP) ukuze kufungiswe umengameli waleli qembu.

Lokhu kuza emva kokuthi iNFP ibhalele usomlomo imcela ukuthi aqale izinhlelo zokuthi kufungiswe umengameli wayo, uMnu Ivan Rowan Barnes ukuba yilungu lesishayamthetho sakwaZulu-Natal. INFP ithumele usomlomo incwadi izolo iveza ukuthi ijaji selimchithile uNkz Shinga ukuthi aqhubeke nokufaka isicelo sokuthi kubuyekezwe icala lokuxoshwa kwakhe eqenjini.

Encwadini ebhalelwe usomlomo, iNFP ithe isiyasazi isinqumo senkantolo kodwa sizokhishwa ngokusemthethweni namuhla. Ibe isicela ukuthi usomlomo aqhubeke nezinhlelo zokuthi kufungiswe uBarnes. Icaphune esinqumweni esikhiswe yinkantolo ngomhlaka 15 kuMandulo (September) nonyaka, lapho inkantolo ibiyalela khona usomlomo ukuthi aqhubeke nokufungisa ilungu elisha leNFP esikhundleni sikaShinga. Ukuqhubeka nezinhlelo zokufungiswa kukaBarnes ngenyanga edlule kumiswe ukuthi uShinga ubesefake isicelo sokubuyekezwa kwecala lakhe enkantolo.

Iphephandaba ILANGA linayo incwadi kasomlomo eqinisekisa ukuthi uzolandela umthetho uma sekulethwe isinqumo sejaji ngokusemthethweni kuyena.

Encwadini kasomlomo ayibhalele iNFP, uveze ukuthi uma sifika namuhla (ngoLwesibili) isinqumo sejaji kuyena ukulungele ukuthi angamfungisa uBarnes kusasa (ngoLwesithathu).

Uphinde wakucacisa ukuthi isishayamthetho sihambisana nomthetho futhi uzokwenza konke ngokohlelo lwakhona.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

Udilikajele kowadlwengula owesifazane (61) emvale umlomo

INKANTOLO yeSifunda yaseVryheid igwebe udilikajele umdlwenguli, uJoseph Lebenya (41) ngoLwesibili  yaphinde yamnika iminyaka emihlanu ngecala lokugqekeza awenza elokishini iBhekuzulu, eVryheid ngomhlaka 17 kuZibandlela (December) 2023. Kuleli cala kuthiwa...

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

Undunankulu ukhala ngokwanda kwezibhamu eMlazi

UKHALE ngokwanda kwezibhamu eMlazi uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli ngesikhathi esingethe Imbizo yokulwa nobugebengu ebise kundleni yezemidlalo yesikole iMenzi High School ngoLwesibili. UNtuli ubize le mbizo ngenhloso yokunxenxa umphakathi ukuthi...

UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

UGodongwana uzokwethula isabelomali ‘ngaphansi kwengcindezi’

UNGQONGQOSHE wezeMali eNingizimu Afrika, uMnu Enoch Godongwana, uzokwethula isitatimende sesabelomali, ngaphansi kwengcindezi yesimo somnotho esinzima emhlabeni ngenxa yempi esaqhubeka phakathi kwe-United States of America ne-Iran. NgoLwesithathu uGodongwana...