Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ICebolethu nohulumeni nohlelo lokucija osomabhizinisi abasathuthuka

ICebolethu nohulumeni nohlelo lokucija osomabhizinisi abasathuthuka

by | 11 March 2026

NGUNKK Nomfundo Mcoyi-Zondo, ongumsunguli weCebolethu.

KUCIJWE intsha ngemikhakha yamabhizinisi engayithatha, izindlela nemigudu engahamba ngayo ukuthuthukisa amabhizinisi ayo, engqungqutheleni yezinsuku ezimbili, i-eKasi Business Fair, ebihlelwe yinkampani yabangcwabi, iCebolethu, ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN. 

Le ngqungquthela ibingoLwesihlanu nangoMgqibelo, eJunction Mall, eHammarsdale, lapho osomabhizinisi bendawo benikwe ithuba lokuba bakhangise ngamabhizinisi abo, bacijwa ngezindlela zokuwakhulisa.

UMfu Musa Zondi, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN, uhlabe ikhwelo lokuba abantu abasha basondele emahhovisi omnyango wakhe, balethe imibono yabo yamabhizinisi.

“Uma beletha imibono, sizokwazi ukubalekelela, noma sibaxhumanise neminyango efanele. Phezu kwalokho, lolu hlelo kalupheleli lapha eHammarsdale, kodwa sizohambela zonke izifunda zalesi sifundazwe, sithuthukisa osomabhizinisi bakithi,” esho.

UNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo, ongumsunguli weCebolethu, uthi umbono walolu hlelo wukulekelela abantu abasha ngamabhizinisi ekuletheni amathuba emisebenzi.

“Njengamanje iHammarsdale yaziwa ngobugebengu ngoba abantu abaningi kabasebenzi. Yikho silethe lolu hlelo lapha, ukuze sizocija osomabhizinisi ngezindlela zokuthuthukisa amabhizinisi abo, baphinde bakhe amathuba emisebenzi. 

“Eqinisweni umnotho omningi uselokishini, nami ngiphume kulo leli lokishi. ICebolethu ngalisungulela khona la eHammarsdale, njengoba seliqashe abantu abangaphezu kuka-3 000. Ngiyafisa osomabhizinisi bashintshe nangendlela abacabanga ngayo uma kuza kwezamabhizinisi, ukuze bangagcini sebenza into eyodwa.

“Siyayibona imikhakha abakuyo efana noCatering, ukukilina nokunye, kodwa sifisa bazame nakweminye. Sikhula lapha eHammarsdale, bekunamabhizinisi amaningi, elinye nje engilikhumbulayo, ngelalakha amathawula. Namanje lawo mabhizinisi asengenzeka uma kungaba khona abagxilisa ukucabanga kuwona,” esho.

Kule ngqungquthela osomabhizinisi kabagcinanga ngokuhlomula ngolwazi, kodwa bahlomule nangezinsizakusebenza zamabhizinisi abo, nezinsiza zokuwakhangisa. Osomabhizinisi ababe yingxenye yalolu hlelo, babonge ukulethwa kwaleli thuba, bathi bafunde lukhulu kulona. 

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...