
UMCULI we-gospel uThinah Zungu usephumele obala ngokumosheka kwempilo yakhe ngemuva kokuvela kobudlelwano bakhe noBongolethu Mzozo, owaziwa “ngelikaDr Khehlelezi” ohlelweni lwakhe lukamabonakude olusihloko sithi, “Thina SingoZungu”, obelukhonjiswa kuMzansi Magic.
UThinah uthi walahlekelwa ngokuningi, kwamiswa nemicimbi okwakumele ayonandisa kuyona, kwaqhela nabefundisi eduze kwakhe ngemuva kokuveza ubudlelwane bakhe noKhehlelezi. UThinah uqale ukubonakala ekhuluma ngalobu bunzima adlule kubona ohlelweni lukaMo and Phindi kwiYouTube. Uthi baningi abangamakholwa baqhela eduze kwakhe, abanye bamsola ngokuthi uthwele ngenxa yokuzwana kwakhe noKhehlelezi oyinyanga edumile KwaZulu-Natal.
Ekhuluma neLANGA, uThinah ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo lwempilo yakhe kalubenzanga ubulungiswa ngokwakumele lukugqamise ngempilo yakhe.
“Nakuba ngingenankinga noKhehlelezi njengomuntu onenkolo yakhe, futhi ukuzwana kwethu kuzimele, kodwa nalo uhlelo kalubenzanga ubulungiswa ngokwavela ngempilo engiyiphilayo,” kuchaza uThinah.
Uthe kuningi okungahamba ngendlela ayefuna ngayo ngenxa yokuthi wayengenawo amandla kulolu hlelo, kwazise kwakuqala ukuthi umculi we-gospel abe nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe kumabonakude.
“Inkampani eyayiqopha, yaba nendlela yayo yokwenza izinto, yaveza eyayicabanga ukuthi yikhona okumele kugqame nakuba kwakungavezi okuyikho ngempilo yami.”
Uthe okwamanje akaziboni ephinde eba nohlelo lukamabonakude olukhuluma ngempilo yakhe.
“Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi uma sengikwazi ukuba nezwi, ngizolwenza uhlelo lwami ngoba ngizobe senginolwazi olungcono.”
UThinah uthi ubudlelwano bakhe noKhehlelezi kabusafani nakuqala, kabasasondelene kangako.
“Lokhu kakudalwanga wuhlelo, kodwa kudalwe wukuthi nami kangisagxilile enkampanini
yokwakha enganginayo, futhi naye akasenalo ibandla elalisisondeza.”
Uthe kwaba buhlungu ukubona abazibiza ngamakholwa beziqhelelanisa naye ngenxa yalokhu, nemicimbi yamabandla ayesemenywe kuyona, imchitha.
“Angikholwanga ngesikhathi ngizwa ukuthi sekunamabandla aziqhelelanisayo nami ngenxa yobudlelwano bami noKhehlelezi, kodwa ngagcina ngamukela ngoba kwakungekho engangingakwenza njengoba nabanye abefundisi engangibethembile, baqhela nabo kimina,” esho.
Uthe impilo iyaqhubeka ngoba nakuba kukhona abaqhela kuyena, kodwa kukhona abaqhubeka bathembeka kuyena, bama naye njengoba namanje esakhona emculweni, futhi esaqashwa ukuyodumisa ezindaweni ezahlukene. Uxwayise labo abazibiza ngamakholwa ukuba bayeke ukwehlulela abanye abantu ngenxa yezinkolo zabo.
“Mina ngisamile ekutheni ukuzwana kwami noKhehlelezi kwakungahlangene nenkolo yakhe, futhi kangikaze ngimehlulele ngayo ngoba mina ngiyamazi uNkulunkulu engikholelwa kuyena.”
Uthe kuyamthokozisa ukuthi i-albhamu yakhe ephume ngonyaka odlule esihloko sithi, In His Throne, yenza kahle, abantu bayayithokozela. Uveze nokuthi nendodana yakhe uNdumiso isezinhlelweni zokuqopha bukhoma ngendumezulu yomcimbi.







