Ilanga News
Home 9 Featured 9 UThinah ukhala ngokuhlehlelwa ngamakholwa ngokuzwana kwakhe noKhehlelezi

UThinah ukhala ngokuhlehlelwa ngamakholwa ngokuzwana kwakhe noKhehlelezi

by | 20 May 2026

UMCULI we-gospel uThinah Zungu usephumele obala ngokumosheka kwempilo yakhe ngemuva kokuvela kobudlelwano bakhe noBongolethu Mzozo, owaziwa “ngelikaDr Khehlelezi” ohlelweni lwakhe lukamabonakude olusihloko sithi, “Thina SingoZungu”, obelukhonjiswa kuMzansi Magic.

UThinah uthi walahlekelwa ngokuningi, kwamiswa nemicimbi okwakumele ayonandisa kuyona, kwaqhela nabefundisi eduze kwakhe ngemuva kokuveza ubudlelwane bakhe noKhehlelezi. UThinah uqale ukubonakala ekhuluma ngalobu bunzima adlule kubona ohlelweni lukaMo and Phindi kwiYouTube. Uthi baningi abangamakholwa baqhela eduze kwakhe, abanye bamsola ngokuthi uthwele ngenxa yokuzwana kwakhe noKhehlelezi oyinyanga edumile KwaZulu-Natal.

Ekhuluma neLANGA, uThinah ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo lwempilo yakhe kalubenzanga ubulungiswa ngokwakumele lukugqamise ngempilo yakhe.

“Nakuba ngingenankinga noKhehlelezi njengomuntu onenkolo yakhe, futhi ukuzwana kwethu kuzimele, kodwa nalo uhlelo kalubenzanga ubulungiswa ngokwavela ngempilo engiyiphilayo,” kuchaza uThinah.

Uthe kuningi okungahamba ngendlela ayefuna ngayo ngenxa yokuthi wayengenawo amandla kulolu hlelo, kwazise kwakuqala ukuthi umculi we-gospel abe nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe kumabonakude.

“Inkampani eyayiqopha, yaba nendlela yayo yokwenza izinto, yaveza eyayicabanga ukuthi yikhona okumele kugqame nakuba kwakungavezi okuyikho ngempilo yami.”

Uthe okwamanje akaziboni ephinde eba nohlelo lukamabonakude olukhuluma ngempilo yakhe.

“Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi uma sengikwazi ukuba nezwi, ngizolwenza uhlelo lwami ngoba ngizobe senginolwazi olungcono.”

UThinah uthi ubudlelwano bakhe noKhehlelezi kabusafani nakuqala, kabasasondelene kangako.

“Lokhu kakudalwanga wuhlelo, kodwa kudalwe wukuthi nami kangisagxilile enkampanini
yokwakha enganginayo, futhi naye akasenalo ibandla elalisisondeza.”

Uthe kwaba buhlungu ukubona abazibiza ngamakholwa beziqhelelanisa naye ngenxa yalokhu, nemicimbi yamabandla ayesemenywe kuyona, imchitha.

“Angikholwanga ngesikhathi ngizwa ukuthi sekunamabandla aziqhelelanisayo nami ngenxa yobudlelwano bami noKhehlelezi, kodwa ngagcina ngamukela ngoba kwakungekho engangingakwenza njengoba nabanye abefundisi engangibethembile, baqhela nabo kimina,” esho.

Uthe impilo iyaqhubeka ngoba nakuba kukhona abaqhela kuyena, kodwa kukhona abaqhubeka bathembeka kuyena, bama naye njengoba namanje esakhona emculweni, futhi esaqashwa ukuyodumisa ezindaweni ezahlukene. Uxwayise labo abazibiza ngamakholwa ukuba bayeke ukwehlulela abanye abantu ngenxa yezinkolo zabo.

“Mina ngisamile ekutheni ukuzwana kwami noKhehlelezi kwakungahlangene nenkolo yakhe, futhi kangikaze ngimehlulele ngayo ngoba mina ngiyamazi uNkulunkulu engikholelwa kuyena.”

Uthe kuyamthokozisa ukuthi i-albhamu yakhe ephume ngonyaka odlule esihloko sithi, In His Throne, yenza kahle, abantu bayayithokozela. Uveze nokuthi nendodana yakhe uNdumiso isezinhlelweni zokuqopha bukhoma ngendumezulu yomcimbi.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...