Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uqhakambisa ukubambisana uNonto R emkhakheni wezamahlaya

Uqhakambisa ukubambisana uNonto R emkhakheni wezamahlaya

by | 18 January 2026


UBALULA ukubaluleka kokusebenzisana emkhakheni wezamahlaya uNonto R osezakhele udumo kulo mkhakha aseqeda kuwo iminyaka ewu- 10 eyingxenye yawo. “Kunamandla ekusebenzisaneni nozakwethu, ngoba ngisho kungabe angiqashwe ndawo ngiyakwazi ukubathinta ngibatshele ukuthi ngicela bangifake ezinhlelweni zabo. Nami ngokunjalo ngenza okufanayo uma nginomcimbi ngoba kumele izandla zigezane. Ngaleyo ndlela kasibi khona isomiso somsebenzi,” kuchaza yena.

Uthi ukusebenza endimeni egcwele amadoda akuzange kumkhathaze kepha kumenze wenyusa amasokisi. “Kukhulu ukwesekwa engikutholile, okubalulekile wukuzinikela nokusebenza kanzima. Kubalulekile nokungathathi izinto uzifake enhlizweni kakhulu, ungakhonondi kuze kweqe, kumqoka ukugxila kokwenzayo ngasosonke isikhathi,” kuchaza le ntokazi engumsunguli weWomen in Comedy nokuyilapho esuke iqasha abesifazane kuphela ngenhloso yokufukula abeza ngemuva nokunika inkundla kwasebezimele emkhakheni wamahlaya.
“Nginenkolelo yokuthi kunoma yini oyenzayo kubaluulekile ukungaqalazi kude ngoba uzophazamiseka, konke okudingako kungaphakathi kuwena. UNkulunkulu uzokulethela abantu abazohambisana nombono wakho,” esho.

Maduze nje uNonto R uzoba nomcimbi wamahlaya obizwa ngeComedy Meets Gospel ezoba mhlaka 14 February, egcwele izihlabani ezaziwayo emculweni we-gospel okubalwa kuzo uDumi Mkokstad, uXolly Mncwango noJumbo. Bese kuthi kosomahlaya kukhona uTol Ass Mo, uChurchboy, uJustice Kubheka, uKhanyisa Bunu, no-Alphi Mkhwanazi. Lo mcimbi uzoba seSuncoast, eThekwini ngoMgqibelo kusukela ngelesi 6:30 ntambama. Amathikithi aqala ku-R300, atholakala e-webtickets.

“Sizohleka siphinde sidumise. Kokubili lokhu kwelapha umphefumulo ngendlela emnandi. Ngizokwabelana nabazobe bekhona indlela engikhule ngayo, ngikhulele emndenini okholwayo futhi nami ngiyikholwa. Nokho-ke akusiyo into engiye ngiyibalule leyo ngoba uma uke washo njalo abantu bagcina sebekulandela, balindele ukuthi uphile ngendlela ethile. Kodwa ngiyilo ikholwa impela lokuqina,” kuphetha yena.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...