Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ungqongqoshe ukhala ngokwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwabafana

Ungqongqoshe ukhala ngokwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwabafana

by | 3 September 2025

UNKK Nomagugu Simelane-Mngadi nengxenye yabebehambele umcimbi ngesikhathi kuvulwa isikhungo sokunakekela abahlukumezekile.

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal, uvale iNyanga yabeSifazane ngegiya eliphezulu ngesikhathi ubahlolela umdlavuza wesibeletho ngoMgqibelo, KwaMashu, ukuveza ukubaluleka kokuhlolelwa lo mdlavuza kusenesikhathi.

Lo mnyango ngokubambisana nezinhlaka ezehlukene zezempilo, uhlole abesifazane baseNanda, eNtuzuma, KwaMashu nasePhoenix kusetshenziswa isibhedlela iDr Pixley ka-Isaka Seme Memorial, baphinde bahlonyiswa ngolwazi olwehlukene ngezigulo zabo.

UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi uvule isikhungo esibhekelela abahlukumezekile, iThuthuzela Care Centre kusona lesi sibhedlela. Enkulumweni yakhe, ukhuze umhlola athi ubonakala wanda emphakathini, wokudlwengulwa kwezingane zabafana.

“Sibona manje izingane kuthiwa zidlwenguliwe, kodwa akusewona amantombazane kuphela, sibona nabafana bedlwengulwa. Ake sinakekeleni izingane. Uma inukubezekile, gijima uye emtholampilo noma uye emaphoyiseni. Asikwazi ukuqhubeka nalesi simo singabantu abamnyama – kubulawa isizwe,” esho.

Eqhubeka uthe: “Asikwazi ukuziba izibalo ezenyukayo zokuhlukunyezwa kwabafana emphakathini. Ukuvulwa kweThuthuzela Care Centre kuyigxathu elibalulekile ukulwa nesihlava sokuhlukumeza.

“Zonke izisulu, kungaba owesifazane noma ingane, badinga ubulungiswa, isithunzi nokuthola ezempilo ezisezingeni eliphezulu. Sizosebenzisana nabezomthetho, ezobulungiswa nezinhlaka ezisebenzela umphakathi, ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziyajeza nokuthi izisulu zithola usizo,” kusho ungqongqoshe.
tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...